DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Julayi 2023)

UMsombuluko, Julayi 31, 2023

Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.

ISonto, Julayi 30, 2023

Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?

UMgqibelo, Julayi 29, 2023

Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha,
kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.

ULwesihlanu, Julayi 28, 2023

Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu; nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yenu.

ULwesine, Julayi 27, 2023

Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke.

ULwesithathu, Julayi 26, 2023

Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;
ngisindise ngomusa wakho.

ULwesibili, Julayi 25, 2023

Akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa, nokufihliweyo okungayikwaziwa.

UMsombuluko, Julayi 24, 2023

Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.

ISonto, Julayi 23, 2023

Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha
nomuntu ozuza ingqondo.

UMgqibelo, Julayi 22, 2023

Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.

ULwesihlanu, Julayi 21, 2023

Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya.

ULwesine, Julayi 20, 2023

Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;
nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade.

ULwesithathu, Julayi 19, 2023

Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.

UMsombuluko, Julayi 17, 2023

Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,
neqiniso,
yebo, nezindlela zonke ezinhle.

ISonto, Julayi 16, 2023

UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”

UMgqibelo, Julayi 15, 2023

Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.”

ULwesihlanu, Julayi 14, 2023

Haleluya!
Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,
othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.

ULwesine, Julayi 13, 2023

Funani okuhle, hhayi okubi,
ukuze niphile,
abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo,
njengalokhu nisho.

ULwesithathu, Julayi 12, 2023

Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.

ULwesibili, Julayi 11, 2023

Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu,
ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,
ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova.
kepha abaqotho bayisifuba sakhe.

ISonto, Julayi 9, 2023

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.

UMgqibelo, Julayi 8, 2023

Insindiso ingekaJehova;
isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela

ULwesihlanu, Julayi 7, 2023

Esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko.

ULwesine, Julayi 6, 2023

Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.

ULwesithathu, Julayi 5, 2023

Ukuzidla komuntu kuyamthobisa,
kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.

ULwesibili, Julayi 4, 2023

Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.

UMsombuluko, Julayi 3, 2023

Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.

ISonto, Julayi 2, 2023

Kungakaveli izintaba,
ungakawenzi umhlaba nezwe,
kuthi kusukela phakade kuze kube phakade
wena Nkulunkulu ukhona.

UMgqibelo, Julayi 1, 2023

Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.

Amavesi eBhayibheli osuku

Sivulele isimungulu umlomo wakho,
umele bonke abantwana abayizintandane.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela