ULwesihlanu, Juni 30, 2023
Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.ULwesine, Juni 29, 2023
Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova,sikuhlalele.
Umphefumulo uyalangazelela
igama lakho nesikhumbuzo sakho.
ULwesithathu, Juni 28, 2023
Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.ULwesibili, Juni 27, 2023
Owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.UMsombuluko, Juni 26, 2023
Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.
ISonto, Juni 25, 2023
Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.UMgqibelo, Juni 24, 2023
Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso.ULwesihlanu, Juni 23, 2023
Basutha njengamadlelo abo;basutha, nenhliziyo yabo yaphakama;
ngalokho bangikhohliwe.
ULwesine, Juni 22, 2023
Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho.ULwesithathu, Juni 21, 2023
Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.ULwesibili, Juni 20, 2023
Mphefumulo wami,zithulisele kuNkulunkulu kuphela,
ngokuba ithemba lami livela kuye.
UMsombuluko, Juni 19, 2023
Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.ISonto, Juni 18, 2023
UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.”UMgqibelo, Juni 17, 2023
Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;ompofu ungcono kunomuntu wamanga.
ULwesihlanu, Juni 16, 2023
Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.ULwesine, Juni 15, 2023
Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.ULwesithathu, Juni 14, 2023
Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;mangingaphambuki emiyalweni yakho.
ULwesibili, Juni 13, 2023
NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.UMsombuluko, Juni 12, 2023
Othanda imali akayikusutha ngemali,nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;
nalokho kuyize.
ISonto, Juni 11, 2023
Ngokuba uyayazi indlela yami;esengivivinyile,
ngiyakuphuma njengegolide.
Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;
ngigcinile indlela yakhe,
angiphambukanga.
UMgqibelo, Juni 10, 2023
Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni.ULwesihlanu, Juni 9, 2023
Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo.ULwesine, Juni 8, 2023
Umthetho kaJehova uphelele,uvusa umphefumulo;
ukufakaza kukaJehova kuqinisile,
kuhlakaniphisa oyisiwula.
ULwesithathu, Juni 7, 2023
UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.”ULwesibili, Juni 6, 2023
Namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu.UMsombuluko, Juni 5, 2023
Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.
ISonto, Juni 4, 2023
Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.UMgqibelo, Juni 3, 2023
Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.ULwesihlanu, Juni 2, 2023
Inzondo iyabanga ukuxabana,kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.
ULwesine, Juni 1, 2023
Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,nina nonke enithemba uJehova.