DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Februwari 2024)

ULwesine, Februwari 29, 2024

Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.

ULwesithathu, Februwari 28, 2024

Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.

ULwesibili, Februwari 27, 2024

“Wozani-ke, sithethe indaba,”
usho uJehova;
“noma izono zenu zibomvu kakhulu,
ziyakuba mhlophe njengeqhwa;
noma zibomvu njengokububende,
ziyakuba njengoboya bezimvu.”

UMsombuluko, Februwari 26, 2024

Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.

ISonto, Februwari 25, 2024

Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.

UMgqibelo, Februwari 24, 2024

Ngikhethile indlela yeqiniso;
izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.

ULwesihlanu, Februwari 23, 2024

Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.

ULwesine, Februwari 22, 2024

Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.

ULwesithathu, Februwari 21, 2024

Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila,
kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.

ULwesibili, Februwari 20, 2024

Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.

UMsombuluko, Februwari 19, 2024

Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.

ISonto, Februwari 18, 2024

Kuhle ukuphephela kuJehova
kunokwethemba umuntu.

UMgqibelo, Februwari 17, 2024

Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu.

ULwesihlanu, Februwari 16, 2024

Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

ULwesine, Februwari 15, 2024

Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba,
kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu,
nemicabango yami kunemicabango yenu.

ULwesithathu, Februwari 14, 2024

Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.

ULwesibili, Februwari 13, 2024

Ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.

UMsombuluko, Februwari 12, 2024

Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

ISonto, Februwari 11, 2024

Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe.

UMgqibelo, Februwari 10, 2024

Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

ULwesihlanu, Februwari 9, 2024

Vuka ukhanye,
ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.

ULwesine, Februwari 8, 2024

Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?

ULwesithathu, Februwari 7, 2024

Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.

ULwesibili, Februwari 6, 2024

Themba kuJehova,
wenze okulungileyo;
hlala ezweni, uzondle ngokukholeka.

UMsombuluko, Februwari 5, 2024

Kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.

ISonto, Februwari 4, 2024

UJehova wasiyala ukwenza zonke lezo zimiso, simesabe uJehova uNkulunkulu wethu, kube kuhle kithi njalo, ukuba asiphe siphile njenganamuhla.

UMgqibelo, Februwari 3, 2024

Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,
kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.

ULwesihlanu, Februwari 2, 2024

UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.

ULwesine, Februwari 1, 2024

UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na?”

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela