ISonto, Mashi 31, 2024
Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.UMgqibelo, Mashi 30, 2024
Babusisiwe abakhalayo,ngokuba bayakududuzwa.
ULwesihlanu, Mashi 29, 2024
Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.ULwesine, Mashi 28, 2024
Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”ULwesithathu, Mashi 27, 2024
Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.ULwesibili, Mashi 26, 2024
Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.UMsombuluko, Mashi 25, 2024
UJehova ungamandla ami nesihlangu sami;inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa;
ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba;
ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.
ISonto, Mashi 24, 2024
Thokoza kakhulu,ndodakazi yaseSiyoni;
jabula nokujabula,
ndodakazi yaseJerusalema;
bheka, iNkosi yakho iza kuwe,
ilungile, inensindiso,
ithobekile, ikhwele imbongolo,
ithole, inkonyane yembongolokazi.
UMgqibelo, Mashi 23, 2024
UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.ULwesihlanu, Mashi 22, 2024
UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,uyabazi abaphephela kuye.
ULwesine, Mashi 21, 2024
Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.ULwesithathu, Mashi 20, 2024
Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe.ULwesibili, Mashi 19, 2024
Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe,osono sakhe sisibekelwe.
UMsombuluko, Mashi 18, 2024
Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.ISonto, Mashi 17, 2024
Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.UMgqibelo, Mashi 16, 2024
Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,ngokuba yethemba kuwe.
ULwesihlanu, Mashi 15, 2024
UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, ukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”ULwesine, Mashi 14, 2024
Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.ULwesithathu, Mashi 13, 2024
Ngihole, Nkulunkulu,wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade.
ULwesibili, Mashi 12, 2024
Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.UMsombuluko, Mashi 11, 2024
Oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe.ISonto, Mashi 10, 2024
Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami,kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
ngokuba iyakwenezela kuwe
ubude bezinsuku,
neminyaka yokuphila, nokuthula.
UMgqibelo, Mashi 9, 2024
Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.ULwesihlanu, Mashi 8, 2024
Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?ULwesine, Mashi 7, 2024
Vuka, Jehova!Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho,
ungakhohlwa abahluphekileyo.
ULwesithathu, Mashi 6, 2024
Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.ULwesibili, Mashi 5, 2024
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.UMsombuluko, Mashi 4, 2024
Abantwana babantwana bangumqhele wabadala,nodumo lwabantwana lungoyise.
ISonto, Mashi 3, 2024
Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye.UMgqibelo, Mashi 2, 2024
UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.ULwesihlanu, Mashi 1, 2024
Ngiyathanda ukwenza intando yakho,Nkulunkulu wami,
nomthetho wakho usenhliziyweni yami.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Vuka ukhanye,ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.Ivesi elilandelayo