DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Ephreli 2024)

ULwesibili, Ephreli 30, 2024

Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.

UMsombuluko, Ephreli 29, 2024

Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka,
kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.

ISonto, Ephreli 28, 2024

Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.

UMgqibelo, Ephreli 27, 2024

Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

ULwesihlanu, Ephreli 26, 2024

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

ULwesine, Ephreli 25, 2024

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

ULwesithathu, Ephreli 24, 2024

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

ULwesibili, Ephreli 23, 2024

Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,
kepha olungileyo uyaphana engancishi.

UMsombuluko, Ephreli 22, 2024

Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.

ISonto, Ephreli 21, 2024

Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.

UMgqibelo, Ephreli 20, 2024

Ungasiphi thina, Jehova,
ungasiphi thina,
kepha uliphe igama lakho inkazimulo
ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.

ULwesihlanu, Ephreli 19, 2024

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

ULwesine, Ephreli 18, 2024

Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.

ULwesithathu, Ephreli 17, 2024

Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;
ukuzidla, nokuzikhukhumeza,
nendlela embi,
nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.

ULwesibili, Ephreli 16, 2024

Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?

UMsombuluko, Ephreli 15, 2024

Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.

ISonto, Ephreli 14, 2024

Noma impi imisa ngakimi,
inhliziyo yami ayesabi;
noma ngivukelwa ngukulwa,
nokho nginethemba.

ULwesihlanu, Ephreli 12, 2024

Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle.

ULwesine, Ephreli 11, 2024

Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu,
uJehova ungumenzi wemithetho yethu,
uJehova uyinkosi yethu;
uyakusisindisa.

ULwesithathu, Ephreli 10, 2024

UJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.

ULwesibili, Ephreli 9, 2024

Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.

UMsombuluko, Ephreli 8, 2024

Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo;
umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.

ISonto, Ephreli 7, 2024

Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.

UMgqibelo, Ephreli 6, 2024

Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.

ULwesihlanu, Ephreli 5, 2024

Lapho kufika ukuziqhenya,
kufika nehlazo;
kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.

ULwesine, Ephreli 4, 2024

Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.”

ULwesithathu, Ephreli 3, 2024

Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.

ULwesibili, Ephreli 2, 2024

Uthanda ukulunga nokwahlulela;
umhlaba ugcwele umusa kaJehova.

UMsombuluko, Ephreli 1, 2024

“Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.”

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela