DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Meyi 2024)

ISonto, Meyi 19, 2024

Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.

UMgqibelo, Meyi 18, 2024

Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela.

ULwesihlanu, Meyi 17, 2024

Ngubani onguNkulunkulu onjengawe
othethelela insali yefa lakho ububi bayo,
uyiyekele isiphambeko sayo, na?
Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade,
ngokuba wenamela umusa.

ULwesine, Meyi 16, 2024

Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

ULwesithathu, Meyi 15, 2024

Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.

ULwesibili, Meyi 14, 2024

Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,
ngakhala kuNkulunkulu wami;
walizwa izwi lami esethempelini lakhe;
ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

UMsombuluko, Meyi 13, 2024

Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.

ISonto, Meyi 12, 2024

Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.

UMgqibelo, Meyi 11, 2024

Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.

ULwesihlanu, Meyi 10, 2024

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

ULwesine, Meyi 9, 2024

Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.

ULwesithathu, Meyi 8, 2024

Ngiyazelulela izandla zami kuwe;
umphefumulo wami womela wena
njengomhlaba owomileyo. Sela

ULwesibili, Meyi 7, 2024

Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.

UMsombuluko, Meyi 6, 2024

Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

ISonto, Meyi 5, 2024

Ukwesaba abantu kubeka ugibe,
kepha owethemba uJehova uyalondeka.

UMgqibelo, Meyi 4, 2024

Kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

ULwesihlanu, Meyi 3, 2024

UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”

ULwesine, Meyi 2, 2024

Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,
kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

ULwesithathu, Meyi 1, 2024

Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela