UMgqibelo, Novemba 30, 2024
Dedisela kude nami okuyize namanga,unganginiki ubumpofu nengcebo,
kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo.
ULwesihlanu, Novemba 29, 2024
Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.ULwesine, Novemba 28, 2024
Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.ULwesithathu, Novemba 27, 2024
Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,ngenxa yenkazimulo yegama lakho;
usikhulule, usithethelele izono zethu
ngenxa yegama lakho.
ULwesibili, Novemba 26, 2024
Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.UMsombuluko, Novemba 25, 2024
Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.ISonto, Novemba 24, 2024
Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.
UMgqibelo, Novemba 23, 2024
Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.ULwesihlanu, Novemba 22, 2024
Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando.ULwesine, Novemba 21, 2024
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela
ULwesithathu, Novemba 20, 2024
UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”ULwesibili, Novemba 19, 2024
Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.UMsombuluko, Novemba 18, 2024
UJehova wephuza ukuthukuthela,mkhulu ngamandla,
akenzi onecala abe msulwa;
uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni,
namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.
ISonto, Novemba 17, 2024
Wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele.UMgqibelo, Novemba 16, 2024
Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa.ULwesihlanu, Novemba 15, 2024
Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha;ukuthobeka kuyandulela udumo.
ULwesine, Novemba 14, 2024
Kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini.ULwesithathu, Novemba 13, 2024
Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.ULwesibili, Novemba 12, 2024
Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanganasolimini lwenkohliso.
UMsombuluko, Novemba 11, 2024
Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.ISonto, Novemba 10, 2024
Malume njalo uthando lobuzalwane. Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.UMgqibelo, Novemba 9, 2024
Ungesabi, ngokuba mina nginawe;ungapheli amandla,
ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;
ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,
yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
ULwesihlanu, Novemba 8, 2024
Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.ULwesine, Novemba 7, 2024
Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.ULwesithathu, Novemba 6, 2024
Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;makungangibusi nobubodwa ububi.
ULwesibili, Novemba 5, 2024
Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.UMsombuluko, Novemba 4, 2024
Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.ISonto, Novemba 3, 2024
Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe;kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.
UMgqibelo, Novemba 2, 2024
INkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina.ULwesihlanu, Novemba 1, 2024
Ngokuba uma bewa,omunye uyavusa umngane wakhe;
kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,
engenawesibili wokumvusa!
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...