ULwesine, Okthoba 31, 2024
Zithokozise ngoJehova,yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.
ULwesithathu, Okthoba 30, 2024
Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.ULwesibili, Okthoba 29, 2024
Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.UMsombuluko, Okthoba 28, 2024
Indlela kaNkulunkulu iphelele;izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.
ISonto, Okthoba 27, 2024
‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.ULwesihlanu, Okthoba 25, 2024
Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile;kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho.
ULwesine, Okthoba 24, 2024
Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.ULwesithathu, Okthoba 23, 2024
Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.ULwesibili, Okthoba 22, 2024
Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya;ukuthobeka kwandulela udumo.
UMsombuluko, Okthoba 21, 2024
Njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.ISonto, Okthoba 20, 2024
Ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.UMgqibelo, Okthoba 19, 2024
Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,abahamba ngezindlela zakhe.
ULwesihlanu, Okthoba 18, 2024
Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.ULwesine, Okthoba 17, 2024
Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.ULwesithathu, Okthoba 16, 2024
Mfuneni uJehova esenokutholwa,nimbize eseseduze.
ULwesibili, Okthoba 15, 2024
Nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.UMsombuluko, Okthoba 14, 2024
Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.ISonto, Okthoba 13, 2024
UNkulunkulu uyasibusisa;imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.
UMgqibelo, Okthoba 12, 2024
Niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’ULwesihlanu, Okthoba 11, 2024
UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.ULwesine, Okthoba 10, 2024
Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu,nomusa kunesiliva negolide.
ULwesithathu, Okthoba 9, 2024
Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.ULwesibili, Okthoba 8, 2024
Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla.UMsombuluko, Okthoba 7, 2024
Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova,nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.
Usuku luyalandisa usuku inkulumo,
nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.
ISonto, Okthoba 6, 2024
Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.UMgqibelo, Okthoba 5, 2024
Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na?ULwesihlanu, Okthoba 4, 2024
Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.
ULwesine, Okthoba 3, 2024
Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.
ULwesithathu, Okthoba 2, 2024
Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.ULwesibili, Okthoba 1, 2024
Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi,ngilituse igama lakho phakade naphakade.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,nina nonke enithemba uJehova.