DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Julayi 2013)

ULwesithathu, Julayi 31, 2013

Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.

ULwesibili, Julayi 30, 2013

Ngazise imendo yakho, Jehova;
ngifundise izindlela zakho.

UMsombuluko, Julayi 29, 2013

Owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.

ISonto, Julayi 28, 2013

Ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi; uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni.

UMgqibelo, Julayi 27, 2013

UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;
uyakulonda umphefumulo wakho.
UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho
kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

ULwesihlanu, Julayi 26, 2013

Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona. Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

ULwesine, Julayi 25, 2013

Kepha abamethembayo uJehova
bayathola amandla amasha,
bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,
bagijime bengakhathali,
bahambe bengapheli amandla.

ULwesithathu, Julayi 24, 2013

Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi.

ULwesibili, Julayi 23, 2013

UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.

UMsombuluko, Julayi 22, 2013

Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba,
nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye.

ISonto, Julayi 21, 2013

Hlabelelani kuNkulunkulu,
nidumise igama lakhe;
menzeleni umendo lowo odabula amahlane;
igama lakhe linguJehova;
yethabani phambi kwakhe,
uyise wezintandane,
umahluleli wabafelokazi,
uNkulunkulu endlini yakhe engcwele.

UMgqibelo, Julayi 20, 2013

Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

ULwesihlanu, Julayi 19, 2013

“Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo
ukuze ngingamboni na?” usho uJehova.
“Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.

ULwesine, Julayi 18, 2013

Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu.

ULwesithathu, Julayi 17, 2013

Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

ULwesibili, Julayi 16, 2013

Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka,
kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.

UMsombuluko, Julayi 15, 2013

Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu;
ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe,
ngiphakame emhlabeni.

ISonto, Julayi 14, 2013

Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.

UMgqibelo, Julayi 13, 2013

Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na?

ULwesihlanu, Julayi 12, 2013

Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.

ULwesine, Julayi 11, 2013

Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.
Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.

ULwesithathu, Julayi 10, 2013

Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.

ULwesibili, Julayi 9, 2013

Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.

UMsombuluko, Julayi 8, 2013

Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade.

ISonto, Julayi 7, 2013

Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.

UMgqibelo, Julayi 6, 2013

Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.

ULwesihlanu, Julayi 5, 2013

Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.

ULwesine, Julayi 4, 2013

Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.

ULwesithathu, Julayi 3, 2013

Ngokuba wena uzenzile izinso zami,
wangaluka esiswini sikamame.
Ngiyakukubonga,
ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;
imisebenzi yakho iyamangalisa;
umphefumulo wami uyakwazi kahle.

ULwesibili, Julayi 2, 2013

Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.

UMsombuluko, Julayi 1, 2013

Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela