UMsombuluko, Septhemba 30, 2013
Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.ISonto, Septhemba 29, 2013
Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehovauyingcebo, nodumo, nokuphila.
UMgqibelo, Septhemba 28, 2013
Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,nalo udumo lwakho usuku lonke.
ULwesihlanu, Septhemba 27, 2013
Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.ULwesine, Septhemba 26, 2013
Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.ULwesithathu, Septhemba 25, 2013
Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.ULwesibili, Septhemba 24, 2013
Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.
UMsombuluko, Septhemba 23, 2013
Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.ISonto, Septhemba 22, 2013
Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’UMgqibelo, Septhemba 21, 2013
Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli.ULwesihlanu, Septhemba 20, 2013
Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.ULwesine, Septhemba 19, 2013
Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.ULwesithathu, Septhemba 18, 2013
Lapho amazwi emaningi khona,akuphuthi ukuphambeka;
obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.
ULwesibili, Septhemba 17, 2013
Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.UMsombuluko, Septhemba 16, 2013
Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.ISonto, Septhemba 15, 2013
Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.ULwesihlanu, Septhemba 13, 2013
Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.ULwesine, Septhemba 12, 2013
Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe.ULwesithathu, Septhemba 11, 2013
Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.ULwesibili, Septhemba 10, 2013
Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.UMsombuluko, Septhemba 9, 2013
Zimnandi kangakanani ezintabeniizinyawo zoletha izindaba ezinhle,
nomemezela ukuthula,
obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa,
oshoyo kulo iSiyoni ukuthi:
“UNkulunkulu wakho uyinkosi.”
ISonto, Septhemba 8, 2013
Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;ngenxa yegama lakho uyakungihola,
ungiqondise.
UMgqibelo, Septhemba 7, 2013
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.ULwesihlanu, Septhemba 6, 2013
Lapho udabula emanzini,mina nginawe;
nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;
lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,
nelangabi aliyikukushisa.
ULwesine, Septhemba 5, 2013
Ngokuba osuka ethanda ukuphilanokubona izinsuku ezinhle,
makanqande ulimi lwakhe kokubi,
nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,
adede ebubini, enze okuhle,
afune ukuthula, akujonge.
ULwesithathu, Septhemba 4, 2013
Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,isandla sakho sokunene singisekele,
nobumnene bakho bungikhulisile.
Amabanga okunyathela kwami uwandisile;
amaqakala ami awaxegi.
ULwesibili, Septhemba 3, 2013
Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;mangingaphambuki emiyalweni yakho.
UMsombuluko, Septhemba 2, 2013
Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.ISonto, Septhemba 1, 2013
Wena Jehova umi phakade;isihlalo sakho sobukhosi
sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,ukuze kuqiniswe amasu akho.Ivesi elilandelayo