DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Okthoba 2013)

ULwesine, Okthoba 31, 2013

Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.

ULwesithathu, Okthoba 30, 2013

Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.

ULwesibili, Okthoba 29, 2013

Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange,
unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.

UMsombuluko, Okthoba 28, 2013

Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.

ISonto, Okthoba 27, 2013

Awazi yini? Awuzwanga na?
UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade;
udalile imikhawulo yomhlaba;
akapheli amandla, akakhathali,
nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.

UMgqibelo, Okthoba 26, 2013

Nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.

ULwesihlanu, Okthoba 25, 2013

Bheka, kuhle, kumnandi kangaka
ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

ULwesine, Okthoba 24, 2013

Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.

ULwesithathu, Okthoba 23, 2013

Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu,
sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.

ULwesibili, Okthoba 22, 2013

Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu, nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.

UMsombuluko, Okthoba 21, 2013

Ukuzidla komuntu kuyamthobisa,
kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.

ISonto, Okthoba 20, 2013

UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,
ngokuba uJehova ungigcobile
ukuba ngishumayele izindaba ezinhle
kwabathotshisiweyo;
ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,
nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa
nokuvulelwa kweziboshwa itilongo.

UMgqibelo, Okthoba 19, 2013

Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.

ULwesihlanu, Okthoba 18, 2013

Utshani buyabuna,
imbali iyavuthuluka,
kepha izwi likaNkulunkulu wethu
limi kuze kube phakade.

ULwesine, Okthoba 17, 2013

Ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.

ULwesithathu, Okthoba 16, 2013

Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

ULwesibili, Okthoba 15, 2013

Ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe.

UMsombuluko, Okthoba 14, 2013

UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”

ISonto, Okthoba 13, 2013

Saphendula sathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

UMgqibelo, Okthoba 12, 2013

Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.

ULwesihlanu, Okthoba 11, 2013

Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.

ULwesine, Okthoba 10, 2013

Ngithi kuJehova: “Wena uyiNkosi yami;
anginakho okuhle ngaphandle kwakho.”

ULwesithathu, Okthoba 9, 2013

Ofihla inzondo unezindebe zamanga;
ophumisa inhlebo uyisiwula.

ULwesibili, Okthoba 8, 2013

Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.

UMsombuluko, Okthoba 7, 2013

Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.

ISonto, Okthoba 6, 2013

Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.

UMgqibelo, Okthoba 5, 2013

Oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe.

ULwesihlanu, Okthoba 4, 2013

Kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.

ULwesine, Okthoba 3, 2013

Yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.

ULwesithathu, Okthoba 2, 2013

Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo.

ULwesibili, Okthoba 1, 2013

Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi; uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela