DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Novemba 2013)

UMgqibelo, Novemba 30, 2013

Bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.

ULwesihlanu, Novemba 29, 2013

Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?

ULwesine, Novemba 28, 2013

Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono
kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.

ULwesithathu, Novemba 27, 2013

Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;
ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

ULwesibili, Novemba 26, 2013

Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”
USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”

UMsombuluko, Novemba 25, 2013

Kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.

ISonto, Novemba 24, 2013

Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.

UMgqibelo, Novemba 23, 2013

Ngokuba lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ukhona omunye umyalelo, kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

ULwesihlanu, Novemba 22, 2013

Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho.

ULwesine, Novemba 21, 2013

Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,
yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,
ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,
abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.

ULwesithathu, Novemba 20, 2013

Ukwenza ukulunga nokwahlulela
kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.

ULwesibili, Novemba 19, 2013

Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi.

UMsombuluko, Novemba 18, 2013

Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo.

ISonto, Novemba 17, 2013

Abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu.

UMgqibelo, Novemba 16, 2013

Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.

ULwesihlanu, Novemba 15, 2013

Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.

ULwesine, Novemba 14, 2013

Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.

ULwesithathu, Novemba 13, 2013

Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:
“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”

ULwesibili, Novemba 12, 2013

Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.

UMsombuluko, Novemba 11, 2013

Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula,
kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu.

ISonto, Novemba 10, 2013

“Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.”

UMgqibelo, Novemba 9, 2013

Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,
kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.

ULwesihlanu, Novemba 8, 2013

Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova,
sikuhlalele.
Umphefumulo uyalangazelela
igama lakho nesikhumbuzo sakho.

ULwesine, Novemba 7, 2013

Thula phambi kukaJehova,
ulindele yena;
ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,
ngomuntu osongoza amacebo amabi.

ULwesithathu, Novemba 6, 2013

Zithokozise ngoJehova,
yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.

ULwesibili, Novemba 5, 2013

Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova,
umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami,
ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso,
wangisibekela ngesambatho sokulunga,
njengomyeni efaka iqhele ngokompristi,
nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.

UMsombuluko, Novemba 4, 2013

Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.

ISonto, Novemba 3, 2013

Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

UMgqibelo, Novemba 2, 2013

Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.

ULwesihlanu, Novemba 1, 2013

Nakalokhu, bantwanyana, hlalani kuye, ukuze, nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;
ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela