DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Disemba 2013)

ULwesibili, Disemba 31, 2013

Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.

UMsombuluko, Disemba 30, 2013

Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga,
ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

ISonto, Disemba 29, 2013

UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na?”

UMgqibelo, Disemba 28, 2013

E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo.

ULwesihlanu, Disemba 27, 2013

Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;
emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.

ULwesine, Disemba 26, 2013

Vuka ukhanye,
ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.

ULwesithathu, Disemba 25, 2013

Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.”

ULwesibili, Disemba 24, 2013

Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho.

UMsombuluko, Disemba 23, 2013

Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,
nengalo yabo ayibasindisanga;
kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,
nokukhanya kobuso bakho,
ngokuba wawubathanda.

ISonto, Disemba 22, 2013

Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”

UMgqibelo, Disemba 21, 2013

Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”

ULwesihlanu, Disemba 20, 2013

Nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula.

ULwesine, Disemba 19, 2013

Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando.

ULwesithathu, Disemba 18, 2013

Inhliziyo yomuntu iceba indlela,
kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.

ULwesibili, Disemba 17, 2013

Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo.

UMsombuluko, Disemba 16, 2013

Ngiyazelulela izandla zami kuwe;
umphefumulo wami womela wena
njengomhlaba owomileyo. Sela

ISonto, Disemba 15, 2013

Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.

UMgqibelo, Disemba 14, 2013

Nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.

ULwesihlanu, Disemba 13, 2013

Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni.

ULwesine, Disemba 12, 2013

UJehova useduze nabo bonke abambizayo,
bonke abambizayo ngeqiniso.

ULwesithathu, Disemba 11, 2013

Ngalokho umkhulu, Nkosi Jehova, ngokuba akakho onjengawe, akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

ULwesibili, Disemba 10, 2013

Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.

UMsombuluko, Disemba 9, 2013

UJesu wathi kuye: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.”

ISonto, Disemba 8, 2013

Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,
kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.

ULwesihlanu, Disemba 6, 2013

Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongahlali enkundleni yabaklolodayo.

ULwesine, Disemba 5, 2013

Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.

ULwesithathu, Disemba 4, 2013

Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.

ULwesibili, Disemba 3, 2013

Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

UMsombuluko, Disemba 2, 2013

Ubuhle buyinkohliso,
nokubukeka kuyize,
kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.

ISonto, Disemba 1, 2013

Babusisiwe abalamulayo,
ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela