DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Ephreli 2014)

ULwesithathu, Ephreli 30, 2014

Othanda imali akayikusutha ngemali,
nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;
nalokho kuyize.

ULwesibili, Ephreli 29, 2014

Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”

UMsombuluko, Ephreli 28, 2014

Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.

ISonto, Ephreli 27, 2014

Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.

UMgqibelo, Ephreli 26, 2014

Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane.

ULwesihlanu, Ephreli 25, 2014

Inzondo iyabanga ukuxabana,
kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.

ULwesine, Ephreli 24, 2014

Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.

ULwesithathu, Ephreli 23, 2014

Enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

ULwesibili, Ephreli 22, 2014

Amehlo akho ayandizela kulokho,
kepha akusekho,
ngokuba kuyazenzela impela amaphiko
njengokhozi olundizela ezulwini.

UMsombuluko, Ephreli 21, 2014

Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

ISonto, Ephreli 20, 2014

Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona.”

UMgqibelo, Ephreli 19, 2014

Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,
ngakhala kuNkulunkulu wami;
walizwa izwi lami esethempelini lakhe;
ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

ULwesihlanu, Ephreli 18, 2014

Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhalwe ngokuthi: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA.

ULwesine, Ephreli 17, 2014

Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

ULwesithathu, Ephreli 16, 2014

Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.

ULwesibili, Ephreli 15, 2014

Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.

UMsombuluko, Ephreli 14, 2014

UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

ISonto, Ephreli 13, 2014

Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo.

UMgqibelo, Ephreli 12, 2014

Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;
mesabe uJehova, udede ebubini.
Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.

ULwesihlanu, Ephreli 11, 2014

Ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.

ULwesine, Ephreli 10, 2014

Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.

ULwesithathu, Ephreli 9, 2014

Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.

ULwesibili, Ephreli 8, 2014

Ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.

UMsombuluko, Ephreli 7, 2014

Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.

ISonto, Ephreli 6, 2014

Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

UMgqibelo, Ephreli 5, 2014

Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.

ULwesihlanu, Ephreli 4, 2014

Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.

ULwesine, Ephreli 3, 2014

Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.

ULwesibili, Ephreli 1, 2014

Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,
kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela