DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Januwari 2016)

ISonto, Januwari 31, 2016

Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.

UMgqibelo, Januwari 30, 2016

Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,
kepha ukulunga kophula ekufeni.

ULwesihlanu, Januwari 29, 2016

Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.

ULwesine, Januwari 28, 2016

Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

ULwesithathu, Januwari 27, 2016

Izindebe zami zizakujabula,
ngokuba ngizakukudumisa wena,
nomphefumulo wami owuhlengileyo.

ULwesibili, Januwari 26, 2016

Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”

UMsombuluko, Januwari 25, 2016

Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.

ISonto, Januwari 24, 2016

Ungagodleli abaninikho okuhle,
lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.

UMgqibelo, Januwari 23, 2016

Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo.

ULwesihlanu, Januwari 22, 2016

Njengokuba uKristu wahlupheka enyameni, hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona.

ULwesine, Januwari 21, 2016

Jehova, yizwa umkhuleko wami,
ubeke indlebe ekuncengeni kwami;
ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.

ULwesithathu, Januwari 20, 2016

Ukuba ngize kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani.

ULwesibili, Januwari 19, 2016

UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na?”

UMsombuluko, Januwari 18, 2016

Yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini,
isekele igobela lawo emhlabeni;
yiyona ewabizayo amanzi olwandle,
iwathululele ebusweni bomhlaba;
nguJehova igama layo.

ISonto, Januwari 17, 2016

UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.

UMgqibelo, Januwari 16, 2016

Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu.

ULwesihlanu, Januwari 15, 2016

Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu;
ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe,
ngiphakame emhlabeni.

ULwesine, Januwari 14, 2016

Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.

ULwesithathu, Januwari 13, 2016

Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.

ULwesibili, Januwari 12, 2016

Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,
nengalo yabo ayibasindisanga;
kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,
nokukhanya kobuso bakho,
ngokuba wawubathanda.

UMsombuluko, Januwari 11, 2016

Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho.

ISonto, Januwari 10, 2016

Ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”

UMgqibelo, Januwari 9, 2016

Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,
nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,
kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.

ULwesihlanu, Januwari 8, 2016

Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.

ULwesine, Januwari 7, 2016

Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo,
ngokuba bayakubona uNkulunkulu.

ULwesithathu, Januwari 6, 2016

Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;
ophuzisayo uyakuphuziswa naye.

ULwesibili, Januwari 5, 2016

Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.

ISonto, Januwari 3, 2016

UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke,
unomusa emisebenzini yakhe yonke.

UMgqibelo, Januwari 2, 2016

Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.

ULwesihlanu, Januwari 1, 2016

Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela