DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Februwari 2016)

UMsombuluko, Februwari 29, 2016

Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;
ngizakukululeka ngeso lami.

ISonto, Februwari 28, 2016

Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe.

UMgqibelo, Februwari 27, 2016

UJesu wathi kuye: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.”

ULwesihlanu, Februwari 26, 2016

Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,
uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.

ULwesine, Februwari 25, 2016

Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.

ULwesithathu, Februwari 24, 2016

Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,
kepha zonke iziwula ziyaphikisana.

ULwesibili, Februwari 23, 2016

Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade,
ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.

UMsombuluko, Februwari 22, 2016

Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.

ISonto, Februwari 21, 2016

Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.

UMgqibelo, Februwari 20, 2016

Lapho kufika ukuziqhenya,
kufika nehlazo;
kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.

ULwesihlanu, Februwari 19, 2016

Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.

ULwesine, Februwari 18, 2016

Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo.

ULwesithathu, Februwari 17, 2016

Ngamfuna uJehova, wangiphendula;
wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

ULwesibili, Februwari 16, 2016

Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.

UMsombuluko, Februwari 15, 2016

Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.

ISonto, Februwari 14, 2016

Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.

UMgqibelo, Februwari 13, 2016

UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.

ULwesihlanu, Februwari 12, 2016

Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.

ULwesine, Februwari 11, 2016

Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona;
ekupheleni uyakuma othulini.

ULwesithathu, Februwari 10, 2016

Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.

ULwesibili, Februwari 9, 2016

NginguJehova uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, ningcwelise amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

UMsombuluko, Februwari 8, 2016

Ofihla inzondo unezindebe zamanga;
ophumisa inhlebo uyisiwula.

ISonto, Februwari 7, 2016

Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.

UMgqibelo, Februwari 6, 2016

UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”

ULwesihlanu, Februwari 5, 2016

Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela,
kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.

ULwesine, Februwari 4, 2016

Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.

ULwesithathu, Februwari 3, 2016

Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.

ULwesibili, Februwari 2, 2016

Kepha ngiwuthembile umusa wakho;
inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;
ngizakuhlabelela kuJehova,
ngokuba ungenzele okuhle.

UMsombuluko, Februwari 1, 2016

Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela