DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Mashi 2016)

ULwesine, Mashi 31, 2016

Isandla sabakhutheleyo siyakubusa,
kepha izidenge ziyakuphoqelwa umsebenzi.

ULwesithathu, Mashi 30, 2016

Ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.

ULwesibili, Mashi 29, 2016

Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu.

UMsombuluko, Mashi 28, 2016

UJehova ungamandla ami nesihlangu sami;
inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa;
ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba;
ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.

ISonto, Mashi 27, 2016

Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.”

UMgqibelo, Mashi 26, 2016

Kepha yazithwala izifo zethu,
yabetshatha ubuhlungu bethu,
kodwa thina sathi ijezisiwe,
ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.

ULwesihlanu, Mashi 25, 2016

Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.

ULwesine, Mashi 24, 2016

Isipho somuntu siyamenzela indawo,
simholele kwabakhulu.

ULwesithathu, Mashi 23, 2016

Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.

ULwesibili, Mashi 22, 2016

Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.

UMsombuluko, Mashi 21, 2016

Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe,
abamfuna ngenhliziyo yonke.

ISonto, Mashi 20, 2016

Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.

UMgqibelo, Mashi 19, 2016

Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.

ULwesihlanu, Mashi 18, 2016

Ngihawukele, Nkulunkulu,
ngokomusa wakho;
yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
Ngigezisise ebubini bami,
ungihlanze esonweni sami.

ULwesine, Mashi 17, 2016

Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo.

ULwesithathu, Mashi 16, 2016

Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.

ULwesibili, Mashi 15, 2016

Yini ukuba udangale,
mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.

UMsombuluko, Mashi 14, 2016

Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.

ISonto, Mashi 13, 2016

Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.”

UMgqibelo, Mashi 12, 2016

Mbonge uJehova, mphefumulo wami;
konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.

ULwesihlanu, Mashi 11, 2016

Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.

ULwesine, Mashi 10, 2016

Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula, noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.

ULwesithathu, Mashi 9, 2016

Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile;
uyisihlangu kwabaphephela kuye.

ULwesibili, Mashi 8, 2016

Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.

UMsombuluko, Mashi 7, 2016

Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.

ISonto, Mashi 6, 2016

Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,
ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona.

UMgqibelo, Mashi 5, 2016

Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.

ULwesine, Mashi 3, 2016

Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.
Haleluya!

ULwesithathu, Mashi 2, 2016

Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

ULwesibili, Mashi 1, 2016

Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,
futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela