UMgqibelo, Ephreli 30, 2016
Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.
ULwesihlanu, Ephreli 29, 2016
Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe;kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.
ULwesine, Ephreli 28, 2016
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.ULwesithathu, Ephreli 27, 2016
Ngikhala kuwe Jehovangisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.
ULwesibili, Ephreli 26, 2016
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.UMsombuluko, Ephreli 25, 2016
Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.ISonto, Ephreli 24, 2016
Oqondileyo uyabona ububi, acashe,kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.
UMgqibelo, Ephreli 23, 2016
Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.ULwesihlanu, Ephreli 22, 2016
Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.ULwesine, Ephreli 21, 2016
Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonkenohlezi emthunzini kaSomandla
uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami
noNkulunkulu wami engimethembayo.”
ULwesithathu, Ephreli 20, 2016
UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”ULwesibili, Ephreli 19, 2016
Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.UMsombuluko, Ephreli 18, 2016
Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.
ISonto, Ephreli 17, 2016
Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.UMgqibelo, Ephreli 16, 2016
Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.ULwesihlanu, Ephreli 15, 2016
UJehova ungumalusi wami,angiyikuswela.
Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;
uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.
ULwesine, Ephreli 14, 2016
Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo. Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.ULwesithathu, Ephreli 13, 2016
Niklebhule inhliziyo yenu,hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi.
ULwesibili, Ephreli 12, 2016
Deda kukho okubi, wenze okuhle;funa ukuthula, ukujonge.
UMsombuluko, Ephreli 11, 2016
Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.ISonto, Ephreli 10, 2016
Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.UMgqibelo, Ephreli 9, 2016
Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;izilonda zabo uyazibopha.
ULwesihlanu, Ephreli 8, 2016
Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.ULwesine, Ephreli 7, 2016
Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.ULwesithathu, Ephreli 6, 2016
Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha;ukuthobeka kuyandulela udumo.
ULwesibili, Ephreli 5, 2016
Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.UMsombuluko, Ephreli 4, 2016
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.ISonto, Ephreli 3, 2016
Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi;ovala umlomo wakhe ungoqondileyo.
UMgqibelo, Ephreli 2, 2016
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.ULwesihlanu, Ephreli 1, 2016
Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela