DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Meyi 2016)

ULwesibili, Meyi 31, 2016

Enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.

UMsombuluko, Meyi 30, 2016

Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!

ISonto, Meyi 29, 2016

Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;
insindiso yami ivela kuye.

UMgqibelo, Meyi 28, 2016

Emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.

ULwesihlanu, Meyi 27, 2016

Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo, ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’

ULwesine, Meyi 26, 2016

Bongani uJehova, nibize igama lakhe,
nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.

ULwesithathu, Meyi 25, 2016

Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.

ULwesibili, Meyi 24, 2016

Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.

UMsombuluko, Meyi 23, 2016

Othanda imali akayikusutha ngemali,
nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;
nalokho kuyize.

ISonto, Meyi 22, 2016

Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.

UMgqibelo, Meyi 21, 2016

Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.

ULwesihlanu, Meyi 20, 2016

Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.

ULwesine, Meyi 19, 2016

Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.

ULwesithathu, Meyi 18, 2016

Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.

ULwesibili, Meyi 17, 2016

Phakama, Nkulunkulu,
phezu kwezulu,
inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.

UMsombuluko, Meyi 16, 2016

Ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.

ISonto, Meyi 15, 2016

Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

UMgqibelo, Meyi 14, 2016

Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

ULwesihlanu, Meyi 13, 2016

Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.

ULwesine, Meyi 12, 2016

Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,
ngakhala kuNkulunkulu wami;
walizwa izwi lami esethempelini lakhe;
ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

ULwesithathu, Meyi 11, 2016

Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.

ULwesibili, Meyi 10, 2016

UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,
uyabazi abaphephela kuye.

UMsombuluko, Meyi 9, 2016

Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;
ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.

ISonto, Meyi 8, 2016

UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”

UMgqibelo, Meyi 7, 2016

Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

ULwesihlanu, Meyi 6, 2016

Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho,
ngokuba kukhona kwaphakade.
Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami;
ngikhumbule ngokomusa
wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.

ULwesine, Meyi 5, 2016

Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.

ULwesithathu, Meyi 4, 2016

UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

ULwesibili, Meyi 3, 2016

UJehova uyinqaba yocindezelweyo,
uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.

UMsombuluko, Meyi 2, 2016

Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo.

ISonto, Meyi 1, 2016

Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.

Amavesi eBhayibheli osuku

Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

“Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.”Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela