DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Juni 2016)

ULwesine, Juni 30, 2016

Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.

ULwesithathu, Juni 29, 2016

Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho
obamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza.

ULwesibili, Juni 28, 2016

Dedisela kude nami okuyize namanga,
unganginiki ubumpofu nengcebo,
kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo.

UMsombuluko, Juni 27, 2016

Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.

ISonto, Juni 26, 2016

UJehova makakubusise, akulondoloze;
uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho,
abe nomusa kuwe;
uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,
akuphe ukuthula.

UMgqibelo, Juni 25, 2016

Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;
umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.

ULwesihlanu, Juni 24, 2016

Enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

ULwesine, Juni 23, 2016

Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo.

ULwesithathu, Juni 22, 2016

Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya;
ukuthobeka kwandulela udumo.

ULwesibili, Juni 21, 2016

Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.

UMsombuluko, Juni 20, 2016

Liyakuba njalo izwi lami
eliphuma emlonyeni wami:
aliyikubuyela ze kimi,
lingakafezi lokhu engikufunayo,
liphumelele kulokhu engilithumele kukho.

ISonto, Juni 19, 2016

Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,
nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.

UMgqibelo, Juni 18, 2016

Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.

ULwesihlanu, Juni 17, 2016

Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.

ULwesine, Juni 16, 2016

Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:
Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.

ULwesithathu, Juni 15, 2016

Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

ULwesibili, Juni 14, 2016

Ngubani onguNkulunkulu onjengawe
othethelela insali yefa lakho ububi bayo,
uyiyekele isiphambeko sayo, na?
Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade,
ngokuba wenamela umusa.

UMsombuluko, Juni 13, 2016

Mayibongwe iNkosi.
Iyasithwala imihla ngemihla;
uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela

ISonto, Juni 12, 2016

Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.

UMgqibelo, Juni 11, 2016

Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”

ULwesihlanu, Juni 10, 2016

Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?
Ngokuqaphela okwezwi lakho.

ULwesine, Juni 9, 2016

Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.

ULwesithathu, Juni 8, 2016

Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe.

ULwesibili, Juni 7, 2016

Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;
ompofu ungcono kunomuntu wamanga.

UMsombuluko, Juni 6, 2016

Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.

ISonto, Juni 5, 2016

Nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona, ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.

UMgqibelo, Juni 4, 2016

Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,
kepha olungileyo uyaphana engancishi.

ULwesihlanu, Juni 3, 2016

Babusisiwe abalambele,
bomele ukulunga,
ngokuba bayakusuthiswa.

ULwesine, Juni 2, 2016

Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.

ULwesithathu, Juni 1, 2016

Inzondo iyabanga ukuxabana,
kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela