DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Julayi 2016)

ISonto, Julayi 31, 2016

Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;
amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.

UMgqibelo, Julayi 30, 2016

KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.

ULwesihlanu, Julayi 29, 2016

UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”

ULwesine, Julayi 28, 2016

Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;
okulondolozayo akayikozela.

ULwesithathu, Julayi 27, 2016

Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.

ULwesibili, Julayi 26, 2016

UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”

UMsombuluko, Julayi 25, 2016

Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;
usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.

ISonto, Julayi 24, 2016

Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.

UMgqibelo, Julayi 23, 2016

UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.

ULwesihlanu, Julayi 22, 2016

Umuntu wabangane uyazilimaza,
kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.

ULwesine, Julayi 21, 2016

Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.

ULwesithathu, Julayi 20, 2016

Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

ULwesibili, Julayi 19, 2016

Ngizwise umusa wakho ekuseni,
ngokuba ngiyethemba kuwe;
ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,
ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.

UMsombuluko, Julayi 18, 2016

Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

ISonto, Julayi 17, 2016

Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba.

UMgqibelo, Julayi 16, 2016

Themba kuJehova,
wenze okulungileyo;
hlala ezweni, uzondle ngokukholeka.

ULwesihlanu, Julayi 15, 2016

Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.

ULwesine, Julayi 14, 2016

Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”

ULwesithathu, Julayi 13, 2016

Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,
kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.

ULwesibili, Julayi 12, 2016

Ngalokho uJehova uyakulindela
ukuba abe nomusa kini;
nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,
ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;
babusisiwe bonke abamhlalelayo.

UMsombuluko, Julayi 11, 2016

UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.”

ISonto, Julayi 10, 2016

Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;
izindebe zami ziyakukudumisa.
Ngiyakukubonga ngisaphila;
ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.

UMgqibelo, Julayi 9, 2016

Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.

ULwesihlanu, Julayi 8, 2016

Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.

ULwesine, Julayi 7, 2016

Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;
okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.

ULwesithathu, Julayi 6, 2016

Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.

ULwesibili, Julayi 5, 2016

Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.

UMsombuluko, Julayi 4, 2016

Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,
ukuze ngingoni kuwe.

ISonto, Julayi 3, 2016

Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.

UMgqibelo, Julayi 2, 2016

Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe.

ULwesihlanu, Julayi 1, 2016

Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,
kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami
nokukhanya endleleni yami.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela