DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Agasti 2016)

ULwesithathu, Agasti 31, 2016

Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?

ULwesibili, Agasti 30, 2016

Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
ukuze kuqiniswe amasu akho.

UMsombuluko, Agasti 29, 2016

Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.

ISonto, Agasti 28, 2016

UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka.”

UMgqibelo, Agasti 27, 2016

Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,
ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.

ULwesihlanu, Agasti 26, 2016

Ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena.

ULwesine, Agasti 25, 2016

Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.

ULwesithathu, Agasti 24, 2016

Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,
ngenxa yenkazimulo yegama lakho;
usikhulule, usithethelele izono zethu
ngenxa yegama lakho.

UMsombuluko, Agasti 22, 2016

Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”

ISonto, Agasti 21, 2016

Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu,
nomusa kunesiliva negolide.

UMgqibelo, Agasti 20, 2016

Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso.

ULwesihlanu, Agasti 19, 2016

Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.

ULwesine, Agasti 18, 2016

Yeka ubukhulu bomusa wakho
obagodlele wona abakwesabayo,
owenzele bona ababalekela kuwe,
phambi kwabantwana babantu.

ULwesithathu, Agasti 17, 2016

Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.

ULwesibili, Agasti 16, 2016

Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”

UMsombuluko, Agasti 15, 2016

Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;
nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade.

ISonto, Agasti 14, 2016

Nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.

UMgqibelo, Agasti 13, 2016

Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi:
“Ngaphuma ngize esizalweni sikamame;
ngiyakubuyela khona ngize;
uJehova wapha, uJehova uthathile;
malibongwe igama likaJehova.”

ULwesihlanu, Agasti 12, 2016

Ngikhethile indlela yeqiniso;
izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.

ULwesine, Agasti 11, 2016

Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.

ULwesithathu, Agasti 10, 2016

Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.

ULwesibili, Agasti 9, 2016

Ukwesaba abantu kubeka ugibe,
kepha owethemba uJehova uyalondeka.

UMsombuluko, Agasti 8, 2016

Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.

ISonto, Agasti 7, 2016

Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.

UMgqibelo, Agasti 6, 2016

Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila,
kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.

ULwesine, Agasti 4, 2016

Ngesulile iziphambeko zakho njengefu,
nezono zakho njengemilaza;
buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.

ULwesithathu, Agasti 3, 2016

Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi,
ngilituse igama lakho phakade naphakade.

ULwesibili, Agasti 2, 2016

Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.

UMsombuluko, Agasti 1, 2016

Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;
usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela