DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Septhemba 2016)

ULwesihlanu, Septhemba 30, 2016

Ngiyakuzenza mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.

ULwesine, Septhemba 29, 2016

Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.

ULwesithathu, Septhemba 28, 2016

Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.

ULwesibili, Septhemba 27, 2016

Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,
ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.

UMsombuluko, Septhemba 26, 2016

Isiwula asithokozi ngokuqonda,
kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe.

ISonto, Septhemba 25, 2016

Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.

UMgqibelo, Septhemba 24, 2016

Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.

ULwesihlanu, Septhemba 23, 2016

Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.

ULwesine, Septhemba 22, 2016

Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla.

ULwesithathu, Septhemba 21, 2016

Yimina, yimi enginguye oniduduzayo;
ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo,
nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?

ULwesibili, Septhemba 20, 2016

Sivulele isimungulu umlomo wakho,
umele bonke abantwana abayizintandane.

UMsombuluko, Septhemba 19, 2016

Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.

ISonto, Septhemba 18, 2016

UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.

UMgqibelo, Septhemba 17, 2016

Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje,
umusa wakhe uba ngowokuphila konke;
kusihlwa kungena ukukhala,
ekuseni ukujabula.

ULwesihlanu, Septhemba 16, 2016

Ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo.

ULwesine, Septhemba 15, 2016

Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi, kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.

ULwesithathu, Septhemba 14, 2016

Isicebi sibusa phezu kwabampofu,
nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.

ULwesibili, Septhemba 13, 2016

Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.

UMsombuluko, Septhemba 12, 2016

Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane.

ISonto, Septhemba 11, 2016

UJehova uyakufeza okwami;
Jehova, umusa wakho umi phakade;
ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.

UMgqibelo, Septhemba 10, 2016

Nguye omupha oyethileyo amandla,
nakongenamandla uyandisa izikhwepha.

ULwesihlanu, Septhemba 9, 2016

“Kepha manje,” usho uJehova,
“phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke,
nangokuzila ukudla, nangokukhala,
nangokulila.”

ULwesine, Septhemba 8, 2016

Ndodana yami,
gcina umyalo kayihlo,
ungawushiyi umthetho kanyoko.

ULwesithathu, Septhemba 7, 2016

Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?

ULwesibili, Septhemba 6, 2016

UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.”

UMsombuluko, Septhemba 5, 2016

Onakekela izwi uyakufumana okuhle,
nowethembayo kuJehova ubusisiwe.

ISonto, Septhemba 4, 2016

Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’

UMgqibelo, Septhemba 3, 2016

Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,
njengophawu engalweni yakho,
ngokuba uthando lunamandla njengokufa;
isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;
amalangabi alo angamalangabi omlilo,
ilangabi likaJehova.

ULwesihlanu, Septhemba 2, 2016

Ngezwi likaJehova izulu lenziwa,
namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.

ULwesine, Septhemba 1, 2016

Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”

Amavesi eBhayibheli osuku

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela