UMsombuluko, Okthoba 31, 2016
Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo.ISonto, Okthoba 30, 2016
Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.
UMgqibelo, Okthoba 29, 2016
Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.ULwesihlanu, Okthoba 28, 2016
Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.ULwesine, Okthoba 27, 2016
Wena uyindawo yami yokucasha;uyangilondoloza ngingahlupheki;
ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela
ULwesithathu, Okthoba 26, 2016
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.
ULwesibili, Okthoba 25, 2016
Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.UMsombuluko, Okthoba 24, 2016
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo;umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.
ISonto, Okthoba 23, 2016
Ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.UMgqibelo, Okthoba 22, 2016
Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.ULwesihlanu, Okthoba 21, 2016
Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;ukuzidla, nokuzikhukhumeza,
nendlela embi,
nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.
ULwesine, Okthoba 20, 2016
Ungasingenisi ekulingweni,kodwa usikhulule kokubi;
ngokuba umbuso ungowakho,
namandla, nenkazimulo,
kuze kube phakade. Amen.
ULwesithathu, Okthoba 19, 2016
Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.ULwesibili, Okthoba 18, 2016
Isihhe neqiniso makungakushiyi;kubophe entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.
UMsombuluko, Okthoba 17, 2016
UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.ISonto, Okthoba 16, 2016
Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”UMgqibelo, Okthoba 15, 2016
Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;makungangibusi nobubodwa ububi.
ULwesihlanu, Okthoba 14, 2016
Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.ULwesine, Okthoba 13, 2016
Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.ULwesithathu, Okthoba 12, 2016
Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,nokumazi oNgcwele kungukuqonda.
ULwesibili, Okthoba 11, 2016
Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.UMsombuluko, Okthoba 10, 2016
Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.ISonto, Okthoba 9, 2016
Funani uJehova namandla akhe,nifunisise ubuso bakhe njalo.
UMgqibelo, Okthoba 8, 2016
Nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.ULwesihlanu, Okthoba 7, 2016
Usithethelele amacala ethu,njengalokhu nathi sibathethelela
abanecala kithi.
ULwesine, Okthoba 6, 2016
UJehova unobubele nesihawu;wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.
ULwesithathu, Okthoba 5, 2016
Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.
ULwesibili, Okthoba 4, 2016
Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.UMsombuluko, Okthoba 3, 2016
Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.ISonto, Okthoba 2, 2016
Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;angiyikunyakaziswa kakhulu.
UMgqibelo, Okthoba 1, 2016
Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.Ivesi elilandelayo