DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Novemba 2016)

ULwesithathu, Novemba 30, 2016

Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade.

ULwesibili, Novemba 29, 2016

Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

UMsombuluko, Novemba 28, 2016

Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.

ISonto, Novemba 27, 2016

Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.

UMgqibelo, Novemba 26, 2016

Ngasivuma isono sami kuwe,
angisifihlanga isiphambeko sami;
ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,”
wena wathethelela icala lesono sami. Sela

ULwesihlanu, Novemba 25, 2016

Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.

ULwesine, Novemba 24, 2016

Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.

ULwesithathu, Novemba 23, 2016

Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo,
kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.

ULwesibili, Novemba 22, 2016

Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.

UMsombuluko, Novemba 21, 2016

Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;
ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;
uNkulunkulu wami uyakungizwa.

ISonto, Novemba 20, 2016

Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise,
ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami;
ngilindela wena usuku lonke.

UMgqibelo, Novemba 19, 2016

“Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.”

ULwesihlanu, Novemba 18, 2016

Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”

ULwesine, Novemba 17, 2016

Nginobani ezulwini na?
Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.

ULwesithathu, Novemba 16, 2016

Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.

ULwesibili, Novemba 15, 2016

UJehova uyisabelo sami,
usho umphefumulo wami;
ngakho ngiyakwethemba kuye.

UMsombuluko, Novemba 14, 2016

Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila,
kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.

ISonto, Novemba 13, 2016

Uthembekile uNkulunkulu, okungaye nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu.

UMgqibelo, Novemba 12, 2016

Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.

ULwesihlanu, Novemba 11, 2016

Ndodana yami,
ungadeleli ukulaya kukaJehova,
ungakhathazeki ngokusola kwakhe.
Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo,
njengoyise indodana ayithandayo.

ULwesine, Novemba 10, 2016

Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.

ULwesithathu, Novemba 9, 2016

Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.

ULwesibili, Novemba 8, 2016

Dumisa uJehova ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.

UMsombuluko, Novemba 7, 2016

Ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?”

ISonto, Novemba 6, 2016

Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho.

UMgqibelo, Novemba 5, 2016

Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

ULwesihlanu, Novemba 4, 2016

UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya.

ULwesine, Novemba 3, 2016

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.

ULwesithathu, Novemba 2, 2016

Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu,
ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,
ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova.
kepha abaqotho bayisifuba sakhe.

ULwesibili, Novemba 1, 2016

Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.

Amavesi eBhayibheli osuku

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela