UMgqibelo, Disemba 31, 2016
UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.ULwesihlanu, Disemba 30, 2016
Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke.ULwesine, Disemba 29, 2016
Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka,kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.
ULwesithathu, Disemba 28, 2016
Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”ULwesibili, Disemba 27, 2016
Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.UMsombuluko, Disemba 26, 2016
Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.
ISonto, Disemba 25, 2016
Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.
UMgqibelo, Disemba 24, 2016
Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe.ULwesihlanu, Disemba 23, 2016
Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;ngisindise ngomusa wakho.
ULwesine, Disemba 22, 2016
Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.ULwesithathu, Disemba 21, 2016
Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.ULwesibili, Disemba 20, 2016
Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.
UMsombuluko, Disemba 19, 2016
Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, nibambelele ezwini lokuphila.ISonto, Disemba 18, 2016
Jehova, unguNkulunkulu wami;ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.
UMgqibelo, Disemba 17, 2016
Amehlo akho ayandizela kulokho,kepha akusekho,
ngokuba kuyazenzela impela amaphiko
njengokhozi olundizela ezulwini.
ULwesihlanu, Disemba 16, 2016
Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”ULwesine, Disemba 15, 2016
UJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.ULwesithathu, Disemba 14, 2016
Ngokuba uJehova uthanda ukulunga,akabashiyi abangcwele bakhe;
bayalondolozwa kuze kube phakade,
kepha inzalo yababi iyachithwa.
ULwesibili, Disemba 13, 2016
Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu.UMsombuluko, Disemba 12, 2016
Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.ISonto, Disemba 11, 2016
Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;mesabe uJehova, udede ebubini.
Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.
UMgqibelo, Disemba 10, 2016
Kuyakuthi yilowo nalowoobiza igama leNkosi uyakusindiswa.
ULwesihlanu, Disemba 9, 2016
INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.ULwesine, Disemba 8, 2016
Impela okuhle nomusa kuyakungilandelaimihla yonke yokuphila kwami;
ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.
ULwesithathu, Disemba 7, 2016
Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.ULwesibili, Disemba 6, 2016
Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.UMsombuluko, Disemba 5, 2016
Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.
ISonto, Disemba 4, 2016
Nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.UMgqibelo, Disemba 3, 2016
Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha, okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu.ULwesihlanu, Disemba 2, 2016
UNkulunkulu uyasibusisa;imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.
ULwesine, Disemba 1, 2016
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.