DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Januwari 2017)

ULwesibili, Januwari 31, 2017

Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,
uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.

UMsombuluko, Januwari 30, 2017

Owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi.

ISonto, Januwari 29, 2017

Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.”

UMgqibelo, Januwari 28, 2017

Vula umlomo wakho,
wahlulele ngokulunga,
umele abahluphekayo nabampofu.

ULwesihlanu, Januwari 27, 2017

Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela.

ULwesine, Januwari 26, 2017

Owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.

ULwesithathu, Januwari 25, 2017

Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade.

ULwesibili, Januwari 24, 2017

Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

UMsombuluko, Januwari 23, 2017

Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.

ISonto, Januwari 22, 2017

Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;
izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.

UMgqibelo, Januwari 21, 2017

Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,
futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.

ULwesine, Januwari 19, 2017

Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,
kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.

ULwesithathu, Januwari 18, 2017

Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.

ULwesibili, Januwari 17, 2017

Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.

ISonto, Januwari 15, 2017

Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.

UMgqibelo, Januwari 14, 2017

Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.

ULwesihlanu, Januwari 13, 2017

Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,
nomncethezi wahlukanisa abahlobo.

ULwesine, Januwari 12, 2017

Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?

ULwesithathu, Januwari 11, 2017

Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.

ULwesibili, Januwari 10, 2017

Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,
ngethabele umusa wakho ekuseni,
ngokuba uyinqaba yami,
nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

UMsombuluko, Januwari 9, 2017

Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.

ISonto, Januwari 8, 2017

UJehova uNkulunkulu wethu makabe nathi njengalokho ayenawobaba; makangasishiyi, angasilahli.

UMgqibelo, Januwari 7, 2017

Ingcebo yobubi ayisizi lutho,
kepha ukulunga kophula ekufeni.

ULwesihlanu, Januwari 6, 2017

Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.

ULwesine, Januwari 5, 2017

Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.

ULwesithathu, Januwari 4, 2017

Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

ULwesibili, Januwari 3, 2017

Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.

UMsombuluko, Januwari 2, 2017

Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

ISonto, Januwari 1, 2017

Haleluya!
Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,
othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.

Amavesi eBhayibheli osuku

Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela