DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Februwari 2017)

ULwesibili, Februwari 28, 2017

Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa,
ngigcwalise engikuthembisileyo.
Ukusindiswa kukuye uJehova.

UMsombuluko, Februwari 27, 2017

Uma uJehova engayakhi indlu,
basebenzela ize abayakhayo;
uma uJehova engalondolozi umuzi,
umlindi wawo ulindela ize.

ISonto, Februwari 26, 2017

Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.

UMgqibelo, Februwari 25, 2017

Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.

ULwesihlanu, Februwari 24, 2017

Ngiyakuthanda, Jehova,
mandla ami.
Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;
uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,
nesihlangu sami,
nophondo lokusindiswa kwami,
inqaba yami ephakemeyo.

ULwesine, Februwari 23, 2017

Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na? Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”

ULwesithathu, Februwari 22, 2017

Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi:
“Ngifuneni, niphile.”

ULwesibili, Februwari 21, 2017

Nakhu ukuphela kwendaba,
lapho sekuzwakele konke:
Mesabe uNkulunkulu,
ugcine imiyalo yakhe,
ngokuba lokho kungokwabantu bonke.

UMsombuluko, Februwari 20, 2017

UNkulunkulu akazange abonwe muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.

ISonto, Februwari 19, 2017

Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.

UMgqibelo, Februwari 18, 2017

Makakunike njengokwenhliziyo yakho,
afeze icebo lakho lonke.

ULwesihlanu, Februwari 17, 2017

Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.

ULwesine, Februwari 16, 2017

‘Buya wena Israyeli ohlehlayo,’ usho uJehova;
‘angiyikuninyakamela,
ngokuba nginomusa,’ usho uJehova;
‘angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.’

ULwesithathu, Februwari 15, 2017

Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,
abathemba umusa wakhe.

ULwesibili, Februwari 14, 2017

Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.

UMsombuluko, Februwari 13, 2017

Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo.

ISonto, Februwari 12, 2017

Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,
kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.

UMgqibelo, Februwari 11, 2017

Kepha abamethembayo uJehova
bayathola amandla amasha,
bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,
bagijime bengakhathali,
bahambe bengapheli amandla.

ULwesihlanu, Februwari 10, 2017

Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.

ULwesine, Februwari 9, 2017

Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti;
ukhanyise ubuso bakho,
khona siyakusindiswa.

ULwesithathu, Februwari 8, 2017

Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.

ULwesibili, Februwari 7, 2017

Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.

UMsombuluko, Februwari 6, 2017

Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;
kuyakuthi lapho esekhulile,
angasuki kuyo.

ISonto, Februwari 5, 2017

Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

ULwesihlanu, Februwari 3, 2017

Omubi uthola inzuzo yenkohliso,
kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.

ULwesine, Februwari 2, 2017

Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.

Amavesi eBhayibheli osuku

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela