DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Ephreli 2019)

ULwesibili, Ephreli 30, 2019

Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.

UMsombuluko, Ephreli 29, 2019

Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade.

ISonto, Ephreli 28, 2019

Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”

UMgqibelo, Ephreli 27, 2019

Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.

ULwesihlanu, Ephreli 26, 2019

Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

ULwesine, Ephreli 25, 2019

Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.

ULwesithathu, Ephreli 24, 2019

Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.

ULwesibili, Ephreli 23, 2019

Izindebe zami zizakujabula,
ngokuba ngizakukudumisa wena,
nomphefumulo wami owuhlengileyo.

UMsombuluko, Ephreli 22, 2019

Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo.

ISonto, Ephreli 21, 2019

Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile, ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’

UMgqibelo, Ephreli 20, 2019

UJehova uyakufeza okwami;
Jehova, umusa wakho umi phakade;
ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.

ULwesihlanu, Ephreli 19, 2019

Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,
yachotshozwa ngobubi bethu;
isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,
nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.

ULwesine, Ephreli 18, 2019

Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.

ULwesithathu, Ephreli 17, 2019

Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,
nomncethezi wahlukanisa abahlobo.

UMsombuluko, Ephreli 15, 2019

Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,
ngokuba yethemba kuwe.

ISonto, Ephreli 14, 2019

Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga;
hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.
Makabusiswe ozayo egameni likaJehova;
siyanibusisa sisendlini kaJehova.

UMgqibelo, Ephreli 13, 2019

Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.

ULwesihlanu, Ephreli 12, 2019

Ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi; uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni.

ULwesine, Ephreli 11, 2019

Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka,
kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.

ULwesithathu, Ephreli 10, 2019

Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.

ULwesibili, Ephreli 9, 2019

“Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.”

UMsombuluko, Ephreli 8, 2019

Makakunike njengokwenhliziyo yakho,
afeze icebo lakho lonke.

ISonto, Ephreli 7, 2019

Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.

UMgqibelo, Ephreli 6, 2019

Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.

ULwesihlanu, Ephreli 5, 2019

Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;
izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.

ULwesine, Ephreli 4, 2019

Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.

ULwesithathu, Ephreli 3, 2019

Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.

ULwesibili, Ephreli 2, 2019

Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,
ngethabele umusa wakho ekuseni,
ngokuba uyinqaba yami,
nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

UMsombuluko, Ephreli 1, 2019

UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela