DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Mashi 2019)

ISonto, Mashi 31, 2019

Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.

UMgqibelo, Mashi 30, 2019

Uma uJehova engayakhi indlu,
basebenzela ize abayakhayo;
uma uJehova engalondolozi umuzi,
umlindi wawo ulindela ize.

ULwesihlanu, Mashi 29, 2019

Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.

ULwesine, Mashi 28, 2019

Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

ULwesithathu, Mashi 27, 2019

Vula umlomo wakho,
wahlulele ngokulunga,
umele abahluphekayo nabampofu.

ULwesibili, Mashi 26, 2019

Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.

UMsombuluko, Mashi 25, 2019

Kepha wena, nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene, ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

ISonto, Mashi 24, 2019

Deda kukho okubi, wenze okuhle;
funa ukuthula, ukujonge.

UMgqibelo, Mashi 23, 2019

Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe;
kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.

ULwesine, Mashi 21, 2019

Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu;
ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.

ULwesithathu, Mashi 20, 2019

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.

ULwesibili, Mashi 19, 2019

Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,
ngokuba ububele bakhe abupheli.
Busha ekuseni njalo;
ukuthembeka kwakho kukhulu.

UMsombuluko, Mashi 18, 2019

Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;
kuyakuthi lapho esekhulile,
angasuki kuyo.

ISonto, Mashi 17, 2019

Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?

UMgqibelo, Mashi 16, 2019

Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.

ULwesihlanu, Mashi 15, 2019

Usizo lwethu lusegameni likaJehova
owenzile izulu nomhlaba.

ULwesine, Mashi 14, 2019

Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.

ULwesithathu, Mashi 13, 2019

Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.

ULwesibili, Mashi 12, 2019

Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa,
kepha izwi elihle liyayithokozisa.

UMsombuluko, Mashi 11, 2019

UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

ISonto, Mashi 10, 2019

Kepha abamethembayo uJehova
bayathola amandla amasha,
bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,
bagijime bengakhathali,
bahambe bengapheli amandla.

UMgqibelo, Mashi 9, 2019

Nginobani ezulwini na?
Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.

ULwesihlanu, Mashi 8, 2019

Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.

ULwesine, Mashi 7, 2019

Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.

ULwesithathu, Mashi 6, 2019

Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange,
unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.

ULwesibili, Mashi 5, 2019

Nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.

UMsombuluko, Mashi 4, 2019

UJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.

ISonto, Mashi 3, 2019

UNkulunkulu uyasibusisa;
imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.

UMgqibelo, Mashi 2, 2019

“Kepha manje,” usho uJehova,
“phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke,
nangokuzila ukudla, nangokukhala,
nangokulila.”

ULwesihlanu, Mashi 1, 2019

Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela