DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Februwari 2019)

ULwesine, Februwari 28, 2019

Isiwula asithokozi ngokuqonda,
kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe.

ULwesithathu, Februwari 27, 2019

Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

ULwesibili, Februwari 26, 2019

Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela.

UMsombuluko, Februwari 25, 2019

Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise,
ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami;
ngilindela wena usuku lonke.

ISonto, Februwari 24, 2019

Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.

UMgqibelo, Februwari 23, 2019

Owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi.

ULwesine, Februwari 21, 2019

Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.

ULwesithathu, Februwari 20, 2019

Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,
futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.

ULwesibili, Februwari 19, 2019

Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,
ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

UMsombuluko, Februwari 18, 2019

Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.

ISonto, Februwari 17, 2019

UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.

UMgqibelo, Februwari 16, 2019

Impela okuhle nomusa kuyakungilandela
imihla yonke yokuphila kwami;
ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.

ULwesihlanu, Februwari 15, 2019

Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho.

ULwesine, Februwari 14, 2019

Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”

ULwesithathu, Februwari 13, 2019

Isandla sabakhutheleyo siyakubusa,
kepha izidenge ziyakuphoqelwa umsebenzi.

ULwesibili, Februwari 12, 2019

Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.

UMsombuluko, Februwari 11, 2019

Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.

ISonto, Februwari 10, 2019

Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;
ukububula kwami akufihlekile kuwe.

UMgqibelo, Februwari 9, 2019

Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.

ULwesihlanu, Februwari 8, 2019

Kuyakuthi yilowo nalowo
obiza igama leNkosi uyakusindiswa.

ULwesine, Februwari 7, 2019

Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:
Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.

ULwesithathu, Februwari 6, 2019

Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.

ULwesibili, Februwari 5, 2019

Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.

UMsombuluko, Februwari 4, 2019

Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo;
umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.

ISonto, Februwari 3, 2019

Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.

UMgqibelo, Februwari 2, 2019

Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, nibambelele ezwini lokuphila.

ULwesihlanu, Februwari 1, 2019

Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;
angiyikunyakaziswa kakhulu.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ukwesaba abantu kubeka ugibe,
kepha owethemba uJehova uyalondeka.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela