DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Januwari 2019)

ULwesithathu, Januwari 30, 2019

Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

ULwesibili, Januwari 29, 2019

Ngomlomo umuntu
ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.

UMsombuluko, Januwari 28, 2019

UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,
uyabazi abaphephela kuye.

ISonto, Januwari 27, 2019

Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”

UMgqibelo, Januwari 26, 2019

Kuhle ukuphephela kuJehova
kunokwethemba umuntu.

ULwesihlanu, Januwari 25, 2019

Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”

ULwesine, Januwari 24, 2019

Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.

ULwesithathu, Januwari 23, 2019

Amehlo akho ayandizela kulokho,
kepha akusekho,
ngokuba kuyazenzela impela amaphiko
njengokhozi olundizela ezulwini.

ULwesibili, Januwari 22, 2019

Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.

UMsombuluko, Januwari 21, 2019

Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.

ISonto, Januwari 20, 2019

Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu;
akukho sikhubekiso kubo.

UMgqibelo, Januwari 19, 2019

Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

ULwesihlanu, Januwari 18, 2019

Jehova, unguNkulunkulu wami;
ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.

ULwesine, Januwari 17, 2019

Umuntu wabangane uyazilimaza,
kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.

ULwesithathu, Januwari 16, 2019

Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye.

ULwesibili, Januwari 15, 2019

Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.

UMsombuluko, Januwari 14, 2019

Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;
ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.

ISonto, Januwari 13, 2019

Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.

UMgqibelo, Januwari 12, 2019

Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

ULwesihlanu, Januwari 11, 2019

Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;
ukuzidla, nokuzikhukhumeza,
nendlela embi,
nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.

ULwesine, Januwari 10, 2019

Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade.

ULwesithathu, Januwari 9, 2019

Ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?”

ULwesibili, Januwari 8, 2019

Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

UMsombuluko, Januwari 7, 2019

Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu.

ISonto, Januwari 6, 2019

Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.

UMgqibelo, Januwari 5, 2019

UJehova unobubele nesihawu;
wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.

ULwesihlanu, Januwari 4, 2019

Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.

ULwesine, Januwari 3, 2019

Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.

ULwesithathu, Januwari 2, 2019

Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka,
kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.

ULwesibili, Januwari 1, 2019

Vivinyani konke, nibambisise okuhle; dedani kukho konke okubonakala kukubi.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela