DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Disemba 2018)

UMsombuluko, Disemba 31, 2018

Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.

ISonto, Disemba 30, 2018

UJehova ungamandla ami nesihlangu sami;
inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa;
ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba;
ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.

UMgqibelo, Disemba 29, 2018

Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.

ULwesihlanu, Disemba 28, 2018

Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba.

ULwesine, Disemba 27, 2018

Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,
nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,
kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.

ULwesithathu, Disemba 26, 2018

Vuka ukhanye,
ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.

ULwesibili, Disemba 25, 2018

Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke.”

UMsombuluko, Disemba 24, 2018

Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba,
nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye.

ISonto, Disemba 23, 2018

Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.

UMgqibelo, Disemba 22, 2018

Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.

ULwesihlanu, Disemba 21, 2018

Dumisa uJehova ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.

ULwesine, Disemba 20, 2018

Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”

ULwesithathu, Disemba 19, 2018

Emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.

ULwesibili, Disemba 18, 2018

Isihhe neqiniso makungakushiyi;
kubophe entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.

UMsombuluko, Disemba 17, 2018

Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.

ISonto, Disemba 16, 2018

Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube kulolu suku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu, angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka, ukuthi uKristu nga ehlupheka nokuthi engowokuqala ekuvukeni kwabafileyo uzakumemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.

UMgqibelo, Disemba 15, 2018

Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;
makungangibusi nobubodwa ububi.

ULwesihlanu, Disemba 14, 2018

Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.

ULwesine, Disemba 13, 2018

Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.

ULwesithathu, Disemba 12, 2018

Buyani ngokusola kwami;
bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu,
nginazise amazwi ami.

ULwesibili, Disemba 11, 2018

Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo.

UMsombuluko, Disemba 10, 2018

Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.

ISonto, Disemba 9, 2018

Ungasiphi thina, Jehova,
ungasiphi thina,
kepha uliphe igama lakho inkazimulo
ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.

UMgqibelo, Disemba 8, 2018

Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.

ULwesihlanu, Disemba 7, 2018

Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.

ULwesine, Disemba 6, 2018

Sivulele isimungulu umlomo wakho,
umele bonke abantwana abayizintandane.

ULwesithathu, Disemba 5, 2018

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.

ULwesibili, Disemba 4, 2018

Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu; nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yenu.

UMsombuluko, Disemba 3, 2018

Ndodana yami,
gcina umyalo kayihlo,
ungawushiyi umthetho kanyoko.

ISonto, Disemba 2, 2018

Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova,
umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami,
ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso,
wangisibekela ngesambatho sokulunga,
njengomyeni efaka iqhele ngokompristi,
nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.

UMgqibelo, Disemba 1, 2018

Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela