DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Novemba 2018)

ULwesihlanu, Novemba 30, 2018

Wena uyindawo yami yokucasha;
uyangilondoloza ngingahlupheki;
ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela

ULwesine, Novemba 29, 2018

Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.

ULwesithathu, Novemba 28, 2018

Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.

ULwesibili, Novemba 27, 2018

Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,
kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.

UMsombuluko, Novemba 26, 2018

Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.

ISonto, Novemba 25, 2018

Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze, ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.

UMgqibelo, Novemba 24, 2018

UJehova muhle, ulungile;
ngalokho ufundisa izoni indlela.
Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo,
abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.

ULwesihlanu, Novemba 23, 2018

Ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.

ULwesine, Novemba 22, 2018

Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,
nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.

ULwesithathu, Novemba 21, 2018

Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.

ULwesibili, Novemba 20, 2018

Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

UMsombuluko, Novemba 19, 2018

Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.

ISonto, Novemba 18, 2018

Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.

UMgqibelo, Novemba 17, 2018

Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.

ULwesihlanu, Novemba 16, 2018

Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.

ULwesine, Novemba 15, 2018

Ukwesaba abantu kubeka ugibe,
kepha owethemba uJehova uyalondeka.

ULwesithathu, Novemba 14, 2018

Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.

ULwesibili, Novemba 13, 2018

Lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga.

UMsombuluko, Novemba 12, 2018

Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje,
umusa wakhe uba ngowokuphila konke;
kusihlwa kungena ukukhala,
ekuseni ukujabula.

ISonto, Novemba 11, 2018

Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.

UMgqibelo, Novemba 10, 2018

Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.

ULwesihlanu, Novemba 9, 2018

Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,
nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.

ULwesine, Novemba 8, 2018

Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze, imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.

ULwesithathu, Novemba 7, 2018

Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.

ULwesibili, Novemba 6, 2018

Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.

UMsombuluko, Novemba 5, 2018

Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.

ISonto, Novemba 4, 2018

Njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.

UMgqibelo, Novemba 3, 2018

Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha;
ukuthobeka kuyandulela udumo.

ULwesihlanu, Novemba 2, 2018

Malume njalo uthando lobuzalwane. Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.

ULwesine, Novemba 1, 2018

Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.

Amavesi eBhayibheli osuku

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela