DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Okthoba 2018)

ULwesibili, Okthoba 30, 2018

Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.

ISonto, Okthoba 28, 2018

Themba kuJehova,
wenze okulungileyo;
hlala ezweni, uzondle ngokukholeka.

UMgqibelo, Okthoba 27, 2018

Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.

ULwesihlanu, Okthoba 26, 2018

Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.”

ULwesine, Okthoba 25, 2018

Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,
kepha olungileyo uyaphana engancishi.

ULwesithathu, Okthoba 24, 2018

Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.

ULwesibili, Okthoba 23, 2018

Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, ninganciphisi futhi kulo, ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.

UMsombuluko, Okthoba 22, 2018

Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade,
ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.

ISonto, Okthoba 21, 2018

Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.

UMgqibelo, Okthoba 20, 2018

Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

ULwesihlanu, Okthoba 19, 2018

Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;
okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.

ULwesine, Okthoba 18, 2018

Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe, kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.

ULwesithathu, Okthoba 17, 2018

Nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.

UMsombuluko, Okthoba 15, 2018

UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.

ISonto, Okthoba 14, 2018

Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’

UMgqibelo, Okthoba 13, 2018

Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami;
iNkosi ikubo abaphasa umphefumulo wami.

ULwesihlanu, Okthoba 12, 2018

Ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena.

ULwesine, Okthoba 11, 2018

Nguye omupha oyethileyo amandla,
nakongenamandla uyandisa izikhwepha.

ULwesithathu, Okthoba 10, 2018

Ngikhethile indlela yeqiniso;
izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.

ULwesibili, Okthoba 9, 2018

Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?

UMsombuluko, Okthoba 8, 2018

UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, uhlale khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.”

ISonto, Okthoba 7, 2018

Onakekela izwi uyakufumana okuhle,
nowethembayo kuJehova ubusisiwe.

UMgqibelo, Okthoba 6, 2018

Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.

ULwesihlanu, Okthoba 5, 2018

Owesibili ofana nawo uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’

ULwesine, Okthoba 4, 2018

Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,
ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.

ULwesithathu, Okthoba 3, 2018

Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?

ULwesibili, Okthoba 2, 2018

Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.

UMsombuluko, Okthoba 1, 2018

Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila,
kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.

Amavesi eBhayibheli osuku

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela