DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Septhemba 2018)

ISonto, Septhemba 30, 2018

Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

UMgqibelo, Septhemba 29, 2018

Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.

ULwesihlanu, Septhemba 28, 2018

Yeka ubukhulu bomusa wakho
obagodlele wona abakwesabayo,
owenzele bona ababalekela kuwe,
phambi kwabantwana babantu.

ULwesine, Septhemba 27, 2018

Nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.

ULwesithathu, Septhemba 26, 2018

UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”

ULwesibili, Septhemba 25, 2018

Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
ukuze kuqiniswe amasu akho.

UMsombuluko, Septhemba 24, 2018

Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba.

ISonto, Septhemba 23, 2018

Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.

UMgqibelo, Septhemba 22, 2018

Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;
amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.

ULwesihlanu, Septhemba 21, 2018

Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo;
ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla.

ULwesine, Septhemba 20, 2018

Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

ULwesithathu, Septhemba 19, 2018

Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo,
ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho;
ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude.

ULwesibili, Septhemba 18, 2018

Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.

UMsombuluko, Septhemba 17, 2018

Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.

ISonto, Septhemba 16, 2018

Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,
nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!

UMgqibelo, Septhemba 15, 2018

Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso.

ULwesihlanu, Septhemba 14, 2018

Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.

ULwesine, Septhemba 13, 2018

Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;
nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade.

ULwesithathu, Septhemba 12, 2018

Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.

ULwesibili, Septhemba 11, 2018

Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe, okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami.

UMsombuluko, Septhemba 10, 2018

Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;
usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.

ISonto, Septhemba 9, 2018

Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo.

UMgqibelo, Septhemba 8, 2018

Njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.

ULwesihlanu, Septhemba 7, 2018

Ngiyazelulela izandla zami kuwe;
umphefumulo wami womela wena
njengomhlaba owomileyo. Sela

ULwesithathu, Septhemba 5, 2018

Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.

ULwesibili, Septhemba 4, 2018

Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?
Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.

UMsombuluko, Septhemba 3, 2018

Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.

ISonto, Septhemba 2, 2018

Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.

UMgqibelo, Septhemba 1, 2018

Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;
okulondolozayo akayikozela.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela