DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Agasti 2018)

ULwesihlanu, Agasti 31, 2018

Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.”

ULwesine, Agasti 30, 2018

Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.

ULwesithathu, Agasti 29, 2018

Othanda imali akayikusutha ngemali,
nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;
nalokho kuyize.

ULwesibili, Agasti 28, 2018

Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.

UMsombuluko, Agasti 27, 2018

Bathi ukuzwa lokho, babhapathizwa egameni leNkosi uJesu. Kwathi uPawulu esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; base bekhuluma ngezilimi, baprofetha.

ISonto, Agasti 26, 2018

Ngizwise umusa wakho ekuseni,
ngokuba ngiyethemba kuwe;
ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,
ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.

UMgqibelo, Agasti 25, 2018

UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.

ULwesihlanu, Agasti 24, 2018

Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.

ULwesine, Agasti 23, 2018

Othanda ukulaywa uthanda ukwazi;
ozonda ukusolwa uyisiwula.

ULwesithathu, Agasti 22, 2018

Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.

ULwesibili, Agasti 21, 2018

Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.

UMsombuluko, Agasti 20, 2018

Oqondileyo uyabona ububi, acashe,
kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.

ISonto, Agasti 19, 2018

Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

UMgqibelo, Agasti 18, 2018

Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.

ULwesihlanu, Agasti 17, 2018

Yeka, uma bengingathembanga ukubona
okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo!

ULwesine, Agasti 16, 2018

Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.

ULwesithathu, Agasti 15, 2018

Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke.

ULwesibili, Agasti 14, 2018

Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya;
ukuthobeka kwandulela udumo.

UMsombuluko, Agasti 13, 2018

Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.

ISonto, Agasti 12, 2018

Nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona, ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.

UMgqibelo, Agasti 11, 2018

Bongani uJehova, nibize igama lakhe,
nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.

ULwesihlanu, Agasti 10, 2018

Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,
ngisindise indlu yakwaJosefa,
ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,
babe kungathi angizange ngibalahle,
ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;
ngiyakubezwa.

ULwesine, Agasti 9, 2018

Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.

ULwesithathu, Agasti 8, 2018

Inzondo iyabanga ukuxabana,
kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.

ULwesibili, Agasti 7, 2018

Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho
obamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza.

UMsombuluko, Agasti 6, 2018

UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.”

ISonto, Agasti 5, 2018

Ngiyakuyaphi,
ngisuke emoyeni wakho, na?
Ngiyakubalekelaphi,
ngimuke ebusweni bakho, na?
Uma ngikhuphukela ezulwini,
wena ulapho;
uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.

UMgqibelo, Agasti 4, 2018

Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe.

ULwesihlanu, Agasti 3, 2018

Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.

ULwesine, Agasti 2, 2018

UJehova ungumalusi wami,
angiyikuswela.
Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;
uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.

ULwesithathu, Agasti 1, 2018

UJehova makakubusise, akulondoloze;
uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho,
abe nomusa kuwe;
uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,
akuphe ukuthula.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela