ULwesithathu, Juni 30, 2021
Vivinyani konke, nibambisise okuhle; dedani kukho konke okubonakala kukubi.ULwesibili, Juni 29, 2021
Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,inqaba yami; angiyikunyakaziswa.
UMsombuluko, Juni 28, 2021
Ngizakumisa uthingo lwami emafwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.ISonto, Juni 27, 2021
Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.UMgqibelo, Juni 26, 2021
Isihhe neqiniso makungakushiyi;kubophe entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.
ULwesihlanu, Juni 25, 2021
Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.ULwesine, Juni 24, 2021
Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.
ULwesithathu, Juni 23, 2021
Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise,ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami;
ngilindela wena usuku lonke.
ULwesibili, Juni 22, 2021
Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.UMsombuluko, Juni 21, 2021
UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.ISonto, Juni 20, 2021
Hlabelelani kuNkulunkulu,nidumise igama lakhe;
menzeleni umendo lowo odabula amahlane;
igama lakhe linguJehova;
yethabani phambi kwakhe,
uyise wezintandane,
umahluleli wabafelokazi,
uNkulunkulu endlini yakhe engcwele.
UMgqibelo, Juni 19, 2021
Kepha abamethembayo uJehovabayathola amandla amasha,
bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,
bagijime bengakhathali,
bahambe bengapheli amandla.
ULwesihlanu, Juni 18, 2021
Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.ULwesine, Juni 17, 2021
Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.
ULwesithathu, Juni 16, 2021
Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.ULwesibili, Juni 15, 2021
Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.UMsombuluko, Juni 14, 2021
Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi,ngilituse igama lakho phakade naphakade.
ISonto, Juni 13, 2021
Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.
UMgqibelo, Juni 12, 2021
Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela.ULwesihlanu, Juni 11, 2021
Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.
ULwesine, Juni 10, 2021
Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.ULwesithathu, Juni 9, 2021
Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.ULwesibili, Juni 8, 2021
Ngikhethile indlela yeqiniso;izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.
UMsombuluko, Juni 7, 2021
Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba,kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu,
nemicabango yami kunemicabango yenu.
ISonto, Juni 6, 2021
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.UMgqibelo, Juni 5, 2021
UJehova ungamandla ami nesihlangu sami;inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa;
ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba;
ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.
ULwesihlanu, Juni 4, 2021
Kuyakuthi yilowo nalowoobiza igama leNkosi uyakusindiswa.
ULwesine, Juni 3, 2021
Nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.ULwesithathu, Juni 2, 2021
Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova,nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.
Usuku luyalandisa usuku inkulumo,
nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.
ULwesibili, Juni 1, 2021
Babusisiwe abakhalayo,ngokuba bayakududuzwa.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,inqaba yami; angiyikunyakaziswa.