DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Meyi 2021)

UMsombuluko, Meyi 31, 2021

Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.

UMgqibelo, Meyi 29, 2021

Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?

ULwesihlanu, Meyi 28, 2021

Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.

ULwesine, Meyi 27, 2021

Sivulele isimungulu umlomo wakho,
umele bonke abantwana abayizintandane.

ULwesithathu, Meyi 26, 2021

Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.

ULwesibili, Meyi 25, 2021

Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

UMsombuluko, Meyi 24, 2021

Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;
ukububula kwami akufihlekile kuwe.

ISonto, Meyi 23, 2021

Ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.

UMgqibelo, Meyi 22, 2021

Kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.

ULwesihlanu, Meyi 21, 2021

Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.

ULwesine, Meyi 20, 2021

Kuhle ukuphephela kuJehova
kunokwethemba umuntu.

ULwesithathu, Meyi 19, 2021

UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.

ULwesibili, Meyi 18, 2021

Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

UMsombuluko, Meyi 17, 2021

Inkohliso isezinhliziyweni zabaceba okubi,
kepha abaluleka ukuthula,
kubona kukhona intokozo.

ISonto, Meyi 16, 2021

Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.

UMgqibelo, Meyi 15, 2021

Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.

ULwesihlanu, Meyi 14, 2021

Ngifundise, Jehova, indlela yakho;
ngiyakuhamba eqinisweni lakho;
yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,
yesabe igama lakho.

ULwesine, Meyi 13, 2021

Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.

ULwesithathu, Meyi 12, 2021

Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

ULwesibili, Meyi 11, 2021

Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;
makungangibusi nobubodwa ububi.

UMsombuluko, Meyi 10, 2021

Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.

ISonto, Meyi 9, 2021

Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.

UMgqibelo, Meyi 8, 2021

Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini;
wenza konke akuthandayo.

ULwesihlanu, Meyi 7, 2021

Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi.

ULwesine, Meyi 6, 2021

Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.

ULwesithathu, Meyi 5, 2021

Ngokuba uma bewa,
omunye uyavusa umngane wakhe;
kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,
engenawesibili wokumvusa!

ULwesibili, Meyi 4, 2021

Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.

UMsombuluko, Meyi 3, 2021

Jehova, unguNkulunkulu wami;
ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.

ISonto, Meyi 2, 2021

Kwathi ngithule, amathambo ami aguga
ngokububula kwami usuku lonke.

UMgqibelo, Meyi 1, 2021

Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.

Amavesi eBhayibheli osuku

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela