DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Ephreli 2021)

ULwesihlanu, Ephreli 30, 2021

Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

ULwesine, Ephreli 29, 2021

Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;
ukuzidla, nokuzikhukhumeza,
nendlela embi,
nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.

ULwesithathu, Ephreli 28, 2021

Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”

ULwesibili, Ephreli 27, 2021

UNkulunkulu akasiye umuntu ukuba
aqambe amanga,
nandodana yomuntu ukuba azisole;
ushilo, angayikukwenza, na?
Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?

UMsombuluko, Ephreli 26, 2021

Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;
ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.

ISonto, Ephreli 25, 2021

Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo.

UMgqibelo, Ephreli 24, 2021

Ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?”

ULwesihlanu, Ephreli 23, 2021

Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga
nasolimini lwenkohliso.

ULwesine, Ephreli 22, 2021

Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.

ULwesithathu, Ephreli 21, 2021

Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.

ULwesibili, Ephreli 20, 2021

Nakhu ukuphela kwendaba,
lapho sekuzwakele konke:
Mesabe uNkulunkulu,
ugcine imiyalo yakhe,
ngokuba lokho kungokwabantu bonke.

UMsombuluko, Ephreli 19, 2021

Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.

ISonto, Ephreli 18, 2021

Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya.

UMgqibelo, Ephreli 17, 2021

UJehova unobubele nesihawu;
wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.

ULwesihlanu, Ephreli 16, 2021

Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye.

ULwesine, Ephreli 15, 2021

Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”

ULwesithathu, Ephreli 14, 2021

Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo;
ingqondo yababi iyinto encane.

ULwesibili, Ephreli 13, 2021

USomandla singemqonde;
mkhulu ngamandla nangokwahlulela;
ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.

UMsombuluko, Ephreli 12, 2021

Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.

ISonto, Ephreli 11, 2021

Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

UMgqibelo, Ephreli 10, 2021

Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.

ULwesihlanu, Ephreli 9, 2021

Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.

ULwesine, Ephreli 8, 2021

Ukwesaba abantu kubeka ugibe,
kepha owethemba uJehova uyalondeka.

ULwesithathu, Ephreli 7, 2021

Vuka ukhanye,
ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.

ULwesibili, Ephreli 6, 2021

Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade.

UMsombuluko, Ephreli 5, 2021

Phakama, Nkulunkulu,
phezu kwezulu,
inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.

ISonto, Ephreli 4, 2021

Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.”

UMgqibelo, Ephreli 3, 2021

Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe.

ULwesihlanu, Ephreli 2, 2021

Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.

ULwesine, Ephreli 1, 2021

Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,
ngenxa yenkazimulo yegama lakho;
usikhulule, usithethelele izono zethu
ngenxa yegama lakho.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,
injalo inhliziyo yomuntu kumuntu.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela