DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Mashi 2021)

ULwesithathu, Mashi 31, 2021

Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?

ULwesibili, Mashi 30, 2021

Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.

UMsombuluko, Mashi 29, 2021

Dumisa uJehova ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.

ISonto, Mashi 28, 2021

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.

UMgqibelo, Mashi 27, 2021

Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.

ULwesihlanu, Mashi 26, 2021

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

ULwesine, Mashi 25, 2021

Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!

ULwesithathu, Mashi 24, 2021

Emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.

ULwesibili, Mashi 23, 2021

Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,
nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.

UMsombuluko, Mashi 22, 2021

Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona. Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

ISonto, Mashi 21, 2021

Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.

UMgqibelo, Mashi 20, 2021

Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
banengqondo enhle bonke abakwenzayo.
Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

ULwesihlanu, Mashi 19, 2021

Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

ULwesine, Mashi 18, 2021

“Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo
ukuze ngingamboni na?” usho uJehova.
“Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.

ULwesithathu, Mashi 17, 2021

Vuka, Jehova!
Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho,
ungakhohlwa abahluphekileyo.

ULwesibili, Mashi 16, 2021

Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.

UMsombuluko, Mashi 15, 2021

Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.

ISonto, Mashi 14, 2021

Imiyalo kaJehova ilungile,
ijabulisa inhliziyo;
umyalezo kaJehova uhlanzekile,
ukhanyisa amehlo.

UMgqibelo, Mashi 13, 2021

Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.

ULwesihlanu, Mashi 12, 2021

Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.

ULwesine, Mashi 11, 2021

Wena Jehova umi phakade;
isihlalo sakho sobukhosi
sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.

ULwesithathu, Mashi 10, 2021

Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

ULwesibili, Mashi 9, 2021

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.

UMsombuluko, Mashi 8, 2021

Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.

ISonto, Mashi 7, 2021

UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.

UMgqibelo, Mashi 6, 2021

Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu.

ULwesihlanu, Mashi 5, 2021

Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;
okulondolozayo akayikozela.

ULwesine, Mashi 4, 2021

Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.

ULwesithathu, Mashi 3, 2021

Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.

ULwesibili, Mashi 2, 2021

Wena uyindawo yami yokucasha;
uyangilondoloza ngingahlupheki;
ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela

UMsombuluko, Mashi 1, 2021

Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?”
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela