DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Julayi 2021)

UMgqibelo, Julayi 31, 2021

Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.

ULwesihlanu, Julayi 30, 2021

Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?

ULwesine, Julayi 29, 2021

Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka,
kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.

ULwesithathu, Julayi 28, 2021

Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”

ULwesibili, Julayi 27, 2021

Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.

UMsombuluko, Julayi 26, 2021

Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu;
ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.

ISonto, Julayi 25, 2021

Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe.

UMgqibelo, Julayi 24, 2021

Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.

ULwesihlanu, Julayi 23, 2021

Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;
kuyakuthi lapho esekhulile,
angasuki kuyo.

ULwesine, Julayi 22, 2021

Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.

ULwesithathu, Julayi 21, 2021

Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?

ULwesibili, Julayi 20, 2021

Makakunike njengokwenhliziyo yakho,
afeze icebo lakho lonke.

UMsombuluko, Julayi 19, 2021

Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.

ISonto, Julayi 18, 2021

Ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi; uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni.

UMgqibelo, Julayi 17, 2021

Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo;
umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.

ULwesihlanu, Julayi 16, 2021

Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

ULwesine, Julayi 15, 2021

Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.

ULwesithathu, Julayi 14, 2021

Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu;
ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe,
ngiphakame emhlabeni.

ULwesibili, Julayi 13, 2021

Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.

UMsombuluko, Julayi 12, 2021

Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo; naye onokudla enze njalo.”

ISonto, Julayi 11, 2021

Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha;
ukuthobeka kuyandulela udumo.

UMgqibelo, Julayi 10, 2021

Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.

ULwesihlanu, Julayi 9, 2021

Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.

ULwesine, Julayi 8, 2021

Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje,
umusa wakhe uba ngowokuphila konke;
kusihlwa kungena ukukhala,
ekuseni ukujabula.

ULwesithathu, Julayi 7, 2021

Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.

ULwesibili, Julayi 6, 2021

“Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.”

UMsombuluko, Julayi 5, 2021

Ngokuba ngubani onguNkulunkulu
ngaphandle kukaJehova,
ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

ISonto, Julayi 4, 2021

Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.

UMgqibelo, Julayi 3, 2021

Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.

ULwesihlanu, Julayi 2, 2021

Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,
nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,
kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.

ULwesine, Julayi 1, 2021

UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela