DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Agasti 2022)

ULwesithathu, Agasti 31, 2022

Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.

ULwesibili, Agasti 30, 2022

Ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.

UMsombuluko, Agasti 29, 2022

Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,
nokumazi oNgcwele kungukuqonda.

ISonto, Agasti 28, 2022

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.
Amen.

UMgqibelo, Agasti 27, 2022

UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”

ULwesihlanu, Agasti 26, 2022

Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,
isandla sakho sokunene singisekele,
nobumnene bakho bungikhulisile.
Amabanga okunyathela kwami uwandisile;
amaqakala ami awaxegi.

ULwesine, Agasti 25, 2022

Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.

ULwesithathu, Agasti 24, 2022

Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.

ULwesibili, Agasti 23, 2022

Isibusiso sikaJehova siyacebisa;
akenezeli usizi kuso.

UMsombuluko, Agasti 22, 2022

Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?

ISonto, Agasti 21, 2022

Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.

UMgqibelo, Agasti 20, 2022

Ngilondoloze, Nkulunkulu,
ngokuba ngiyaphephela kuwe.

ULwesihlanu, Agasti 19, 2022

UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya.

ULwesine, Agasti 18, 2022

Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.

ULwesithathu, Agasti 17, 2022

Omubi uthola inzuzo yenkohliso,
kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.

ULwesibili, Agasti 16, 2022

Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.

UMsombuluko, Agasti 15, 2022

Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu.

ISonto, Agasti 14, 2022

Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;
yena uzakukwenza.
Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,
nokufanele wena njengemini.

UMgqibelo, Agasti 13, 2022

Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.

ULwesihlanu, Agasti 12, 2022

Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya.

ULwesine, Agasti 11, 2022

Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane,
ziqine zonke izindlela zakho.

ULwesithathu, Agasti 10, 2022

Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.

ULwesibili, Agasti 9, 2022

Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo.

UMsombuluko, Agasti 8, 2022

KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;
ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;
inyama ingangenzani na?

ISonto, Agasti 7, 2022

Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.

UMgqibelo, Agasti 6, 2022

Makwandiswe kini umusa nokuthula nothando.

ULwesihlanu, Agasti 5, 2022

Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku,
kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo.

ULwesine, Agasti 4, 2022

Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki.

ULwesithathu, Agasti 3, 2022

Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

ULwesibili, Agasti 2, 2022

Jehova, yizwa umkhuleko wami,
ubeke indlebe ekuncengeni kwami;
ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.

UMsombuluko, Agasti 1, 2022

Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na?Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela