DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Septhemba 2022)

ULwesihlanu, Septhemba 30, 2022

Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.

ULwesine, Septhemba 29, 2022

Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.

ULwesithathu, Septhemba 28, 2022

Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongahlali enkundleni yabaklolodayo.

UMsombuluko, Septhemba 26, 2022

Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

ISonto, Septhemba 25, 2022

Othanda ukulaywa uthanda ukwazi;
ozonda ukusolwa uyisiwula.

UMgqibelo, Septhemba 24, 2022

Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.

ULwesihlanu, Septhemba 23, 2022

Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.

ULwesine, Septhemba 22, 2022

Ngiyakuhamba endaweni ebanzi,
ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna.

ULwesithathu, Septhemba 21, 2022

Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi:
“Ngifuneni, niphile.”

ULwesibili, Septhemba 20, 2022

Esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe.

UMsombuluko, Septhemba 19, 2022

Ofihla inzondo unezindebe zamanga;
ophumisa inhlebo uyisiwula.

ISonto, Septhemba 18, 2022

Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?

UMgqibelo, Septhemba 17, 2022

Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.

ULwesihlanu, Septhemba 16, 2022

Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo,
uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.

ULwesine, Septhemba 15, 2022

Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.

ULwesithathu, Septhemba 14, 2022

Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.

ULwesibili, Septhemba 13, 2022

Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga,
ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

UMsombuluko, Septhemba 12, 2022

Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.

ISonto, Septhemba 11, 2022

Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.

UMgqibelo, Septhemba 10, 2022

Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile,
wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.

ULwesihlanu, Septhemba 9, 2022

Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.”

ULwesine, Septhemba 8, 2022

Njengalokho aphuma esizalweni sikanina,
uyakubuye amuke,
ahambe ze njengasekufikeni kwakhe,
engatholi lutho ngomshikashika wakhe,
ahambe nalo esandleni sakhe.

ULwesithathu, Septhemba 7, 2022

Ngiyalindela uJehova,
umphefumulo wami uyalinda;
ngiyalethemba izwi lakhe.

ULwesibili, Septhemba 6, 2022

Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.

UMsombuluko, Septhemba 5, 2022

Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.

ISonto, Septhemba 4, 2022

Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise,
kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.

UMgqibelo, Septhemba 3, 2022

Kuyakuba ngukulunga kithi, uma sigcina ukwenza yonke le miyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho esiyalile.

ULwesihlanu, Septhemba 2, 2022

Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.

ULwesine, Septhemba 1, 2022

Ngazise imendo yakho, Jehova;
ngifundise izindlela zakho.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,
nina nonke enithemba uJehova.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela