DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Okthoba 2022)

UMsombuluko, Okthoba 31, 2022

Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,
nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.

ISonto, Okthoba 30, 2022

Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.

UMgqibelo, Okthoba 29, 2022

Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.

ULwesihlanu, Okthoba 28, 2022

Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu,
umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu;
yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.

ULwesine, Okthoba 27, 2022

Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.

ULwesithathu, Okthoba 26, 2022

Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.

ULwesibili, Okthoba 25, 2022

UJehova, iNkosi yami,
ungamandla ami,
wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi,
angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo.

ISonto, Okthoba 23, 2022

Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

UMgqibelo, Okthoba 22, 2022

Ngiyakuthanda, Jehova,
mandla ami.
Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;
uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,
nesihlangu sami,
nophondo lokusindiswa kwami,
inqaba yami ephakemeyo.

ULwesihlanu, Okthoba 21, 2022

Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo.

ULwesine, Okthoba 20, 2022

Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.

ULwesithathu, Okthoba 19, 2022

Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,
izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,
kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.

ULwesibili, Okthoba 18, 2022

Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.

UMsombuluko, Okthoba 17, 2022

Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa.

ISonto, Okthoba 16, 2022

Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,
abathemba umusa wakhe.

UMgqibelo, Okthoba 15, 2022

Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.

ULwesihlanu, Okthoba 14, 2022

Ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele.

ULwesine, Okthoba 13, 2022

Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi:
“Kungcwele,”
abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.

ULwesithathu, Okthoba 12, 2022

Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,
‘kimina ayakuguqa amadolo onke,
nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ”

ULwesibili, Okthoba 11, 2022

Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.

UMsombuluko, Okthoba 10, 2022

Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami
makuthandeke ebusweni bakho, Jehova,
dwala lami nomhlengi wami.

ISonto, Okthoba 9, 2022

INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.

UMgqibelo, Okthoba 8, 2022

Yesabani uJehova kuphela, nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona.

ULwesihlanu, Okthoba 7, 2022

Ukulunga kuyaphakamisa isizwe,
kepha ukona kuyihlazo kubantu.

ULwesine, Okthoba 6, 2022

Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu.

ULwesithathu, Okthoba 5, 2022

UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.”

ULwesibili, Okthoba 4, 2022

Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;
uyayithanda indlela yakhe.

UMsombuluko, Okthoba 3, 2022

Ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.

ISonto, Okthoba 2, 2022

Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe.

UMgqibelo, Okthoba 1, 2022

Usithethelele amacala ethu,
njengalokhu nathi sibathethelela
abanecala kithi.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela