DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Novemba 2022)

ULwesithathu, Novemba 30, 2022

Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.

ULwesibili, Novemba 29, 2022

Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.

UMsombuluko, Novemba 28, 2022

Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.
Haleluya!

ISonto, Novemba 27, 2022

Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.

UMgqibelo, Novemba 26, 2022

Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.

ULwesihlanu, Novemba 25, 2022

Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono
kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.

ULwesine, Novemba 24, 2022

Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi:
“Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso,
nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.”

ULwesibili, Novemba 22, 2022

Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.

UMsombuluko, Novemba 21, 2022

Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo,
izwe nabakhileyo kulo.

ISonto, Novemba 20, 2022

Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo.

UMgqibelo, Novemba 19, 2022

Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.

ULwesihlanu, Novemba 18, 2022

Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;
ngisindise, ngisindiswe,
ngokuba uludumo lwami.

ULwesine, Novemba 17, 2022

Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.

ULwesithathu, Novemba 16, 2022

Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.

ULwesibili, Novemba 15, 2022

Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,
ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona.

UMsombuluko, Novemba 14, 2022

Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa.

ISonto, Novemba 13, 2022

Ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana.

UMgqibelo, Novemba 12, 2022

Kepha yazithwala izifo zethu,
yabetshatha ubuhlungu bethu,
kodwa thina sathi ijezisiwe,
ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.

ULwesihlanu, Novemba 11, 2022

Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”

ULwesine, Novemba 10, 2022

Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!

ULwesithathu, Novemba 9, 2022

Ngasivuma isono sami kuwe,
angisifihlanga isiphambeko sami;
ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,”
wena wathethelela icala lesono sami. Sela

ULwesibili, Novemba 8, 2022

Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.

UMsombuluko, Novemba 7, 2022

Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.

ISonto, Novemba 6, 2022

Uyakubuye asibekezelele,
anyathele phansi ububi bethu;
yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle.

UMgqibelo, Novemba 5, 2022

Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo.

ULwesine, Novemba 3, 2022

Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,
esekela izindaba zakhe ngokulunga.

ULwesithathu, Novemba 2, 2022

Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.

ULwesibili, Novemba 1, 2022

Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela