DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Disemba 2022)

UMgqibelo, Disemba 31, 2022

Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo;
chezukisa unyawo lwakho ebubini.

ULwesihlanu, Disemba 30, 2022

Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.

ULwesine, Disemba 29, 2022

Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu.

ULwesithathu, Disemba 28, 2022

Amazwi akho onke ayiqiniso;
zonke izahlulelo zakho ezilungileyo
zimi kuze kube phakade.

ULwesibili, Disemba 27, 2022

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

UMsombuluko, Disemba 26, 2022

Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.

ISonto, Disemba 25, 2022

Ngokuba sizalelwa umntwana,
siphiwa indodana;
umbuso uyakuba semahlombe akhe,
negama lakhe liyakuthiwa
uMluleki omangalisayo,
uNkulunkulu onamandla,
uYise ongunaphakade,
iNkosi yokuthula.

UMgqibelo, Disemba 24, 2022

Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.”

ULwesihlanu, Disemba 23, 2022

Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.

ULwesine, Disemba 22, 2022

Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti;
ukhanyise ubuso bakho,
khona siyakusindiswa.

ULwesithathu, Disemba 21, 2022

Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.

ULwesibili, Disemba 20, 2022

Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto;
ngubani onomqondo, azazi, na?
Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile;
abalungileyo bayakuhamba ngazo,
kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.

ISonto, Disemba 18, 2022

Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.

UMgqibelo, Disemba 17, 2022

Ungasho ukuthi:
“Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala
zazizinhle kunalezi na?”
Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.

ULwesihlanu, Disemba 16, 2022

Bheka, kuhle, kumnandi kangaka
ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

ULwesine, Disemba 15, 2022

Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.

ULwesithathu, Disemba 14, 2022

Wathi: “Susani manje onkulunkulu babezizwe abaphakathi kwenu, nithobele izinhliziyo zenu kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.”

ULwesibili, Disemba 13, 2022

Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,
nomncethezi wahlukanisa abahlobo.

UMsombuluko, Disemba 12, 2022

Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.

ISonto, Disemba 11, 2022

Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?

UMgqibelo, Disemba 10, 2022

Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,
uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.

ULwesihlanu, Disemba 9, 2022

UJesu wathi kuye: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.”

ULwesine, Disemba 8, 2022

Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.

ULwesithathu, Disemba 7, 2022

Ungakhandlekeli ukuceba;
kuyeke ngokuqonda kwakho.

ULwesibili, Disemba 6, 2022

Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?

UMsombuluko, Disemba 5, 2022

Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.

ISonto, Disemba 4, 2022

Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami;
ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona.

UMgqibelo, Disemba 3, 2022

Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.

ULwesihlanu, Disemba 2, 2022

Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

ULwesine, Disemba 1, 2022

Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo.

Amavesi eBhayibheli osuku

Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela