DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Januwari 2023)

ULwesibili, Januwari 31, 2023

Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.

UMsombuluko, Januwari 30, 2023

Kungcono ababili kunoyedwa,
ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.

ISonto, Januwari 29, 2023

Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.

UMgqibelo, Januwari 28, 2023

Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.

ULwesihlanu, Januwari 27, 2023

Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;
izilonda zabo uyazibopha.

ULwesine, Januwari 26, 2023

Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.

ULwesithathu, Januwari 25, 2023

Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.

ULwesibili, Januwari 24, 2023

Lapho udabula emanzini,
mina nginawe;
nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;
lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,
nelangabi aliyikukushisa.

UMsombuluko, Januwari 23, 2023

Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.

ISonto, Januwari 22, 2023

Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.

UMgqibelo, Januwari 21, 2023

Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,
ngethabele umusa wakho ekuseni,
ngokuba uyinqaba yami,
nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

ULwesihlanu, Januwari 20, 2023

Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

ULwesine, Januwari 19, 2023

Khipha usizi enhliziyweni yakho,
udlulise okubi emzimbeni wakho,
ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.

ULwesithathu, Januwari 18, 2023

Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo,
ngokuba bayakubona uNkulunkulu.

ULwesibili, Januwari 17, 2023

Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.

UMsombuluko, Januwari 16, 2023

Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.

ISonto, Januwari 15, 2023

Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;
ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.

UMgqibelo, Januwari 14, 2023

KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.

ULwesihlanu, Januwari 13, 2023

Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli.

ULwesine, Januwari 12, 2023

Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,
kepha umlomo wababi okuphambeneyo.

ULwesithathu, Januwari 11, 2023

Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.

ULwesibili, Januwari 10, 2023

Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.

UMsombuluko, Januwari 9, 2023

UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;
akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

ISonto, Januwari 8, 2023

Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.

UMgqibelo, Januwari 7, 2023

Nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.

ULwesihlanu, Januwari 6, 2023

Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;
ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.

ULwesine, Januwari 5, 2023

Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.”

ULwesithathu, Januwari 4, 2023

Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni.

ULwesibili, Januwari 3, 2023

Mbonge uJehova, mphefumulo wami;
konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.

UMsombuluko, Januwari 2, 2023

Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;
ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;
uNkulunkulu wami uyakungizwa.

ISonto, Januwari 1, 2023

Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela