ISonto, Disemba 31, 2023
Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.UMgqibelo, Disemba 30, 2023
Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela.ULwesihlanu, Disemba 29, 2023
Kepha abamethembayo uJehovabayathola amandla amasha,
bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,
bagijime bengakhathali,
bahambe bengapheli amandla.
ULwesine, Disemba 28, 2023
Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.ULwesithathu, Disemba 27, 2023
UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.ULwesibili, Disemba 26, 2023
Ngokuba wena uyokhela isibani sami;uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.
UMsombuluko, Disemba 25, 2023
Ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.ISonto, Disemba 24, 2023
Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.UMgqibelo, Disemba 23, 2023
Jehova, unguNkulunkulu wami;ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.
ULwesihlanu, Disemba 22, 2023
UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.ULwesine, Disemba 21, 2023
Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.ULwesithathu, Disemba 20, 2023
Wena uyindawo yami yokucasha;uyangilondoloza ngingahlupheki;
ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela
ULwesibili, Disemba 19, 2023
Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.UMsombuluko, Disemba 18, 2023
Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.ISonto, Disemba 17, 2023
Konke kunesikhathi sakho,yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.
UMgqibelo, Disemba 16, 2023
Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.ULwesihlanu, Disemba 15, 2023
Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana.ULwesithathu, Disemba 13, 2023
Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.ULwesibili, Disemba 12, 2023
Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.UMsombuluko, Disemba 11, 2023
Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.
ISonto, Disemba 10, 2023
Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.UMgqibelo, Disemba 9, 2023
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.ULwesihlanu, Disemba 8, 2023
Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile,nanjengomlindo ebusuku.
ULwesine, Disemba 7, 2023
Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.ULwesithathu, Disemba 6, 2023
Nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.ULwesibili, Disemba 5, 2023
Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,ukuze kuqiniswe amasu akho.
UMsombuluko, Disemba 4, 2023
Ukuze sisho ngesibindi, sithi:“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?”
ISonto, Disemba 3, 2023
Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.UMgqibelo, Disemba 2, 2023
Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo,lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.
ULwesihlanu, Disemba 1, 2023
Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”Ivesi elilandelayo