UMsombuluko, Novemba 30, 2015
Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;ukububula kwami akufihlekile kuwe.
ISonto, Novemba 29, 2015
Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.UMgqibelo, Novemba 28, 2015
Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.ULwesihlanu, Novemba 27, 2015
Ngazise imendo yakho, Jehova;ngifundise izindlela zakho.
ULwesine, Novemba 26, 2015
Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.ULwesithathu, Novemba 25, 2015
Ngalokho yamukelanani, njengalokho noKristu wasamukela, ukuze kudunyiswe uNkulunkulu.ULwesibili, Novemba 24, 2015
Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange,unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.
UMsombuluko, Novemba 23, 2015
Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.ISonto, Novemba 22, 2015
Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.UMgqibelo, Novemba 21, 2015
Ungasiphi thina, Jehova,ungasiphi thina,
kepha uliphe igama lakho inkazimulo
ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.
ULwesihlanu, Novemba 20, 2015
Nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.ULwesine, Novemba 19, 2015
Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.ULwesithathu, Novemba 18, 2015
Wonke umshikashika unenzuzo,kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.
ULwesibili, Novemba 17, 2015
Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.UMsombuluko, Novemba 16, 2015
Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.ISonto, Novemba 15, 2015
Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,ongemi endleleni yezoni,
ongahlali enkundleni yabaklolodayo.
UMgqibelo, Novemba 14, 2015
E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo.ULwesihlanu, Novemba 13, 2015
Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.”ULwesine, Novemba 12, 2015
Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,injalo inhliziyo yomuntu kumuntu.
ULwesithathu, Novemba 11, 2015
Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.ULwesibili, Novemba 10, 2015
Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”UMsombuluko, Novemba 9, 2015
Vuka, Jehova!Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho,
ungakhohlwa abahluphekileyo.
ISonto, Novemba 8, 2015
Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.UMgqibelo, Novemba 7, 2015
Nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula.ULwesihlanu, Novemba 6, 2015
Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.
ULwesine, Novemba 5, 2015
Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu, nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.ULwesithathu, Novemba 4, 2015
“Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.”ULwesibili, Novemba 3, 2015
Kuhle ukuphephela kuJehovakunokwethemba umuntu.
UMsombuluko, Novemba 2, 2015
Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.ISonto, Novemba 1, 2015
Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.